Ngizonda ukufa

Kufa ndini engage wathathwaphi?

Kufa kufanele senzenjani ukuze usiyeke?

Kufanele siguqe Shono soguqa?

Kufanele sikuncenge Shino sokuncenga?

Shono noma yini sizokwenza ukuze nje wena usixolele uhambe unomphela.

Usithathel’amagugu ethu.

Uthatha nabokugcina esesithembele kubo.

Uthatha abokugcina esesiphila ngabo.

Ngiyakuzonda kufa.

Ngifisa ngabe ungumuntu ngabe sesakushaya saze sakupitshiza.

Ngabe awusaphushwa nasemaphusheni.

Uyazi uyasizwisa ubuhlungu,futhi ke kwazinhlungu kazipheli nhlobo.

Kwasilonda asipholi Mina angisazi senzenjani ngawe.

Uyisikhohlakali umuntu awumceli,

umuntu awumbuzi,

Uvele uzenzele nje okush’ukuthi nenhlonipho ayikho kuwe ungusathane uqob’olwakhe.

Ngiyakuzonda kufa ndini!

Ishiya kukhalwa isililo,

Ushiya kukhala ibhungezi,

Uqoth’imbokode nesisekelo.

Izintandane ezigcwele umhlaba uthi azikhuselwe ngubani?

Uthi azihlale kumuphi umuzi? usho lona ofile nawo enganabanikelazi?

Bamathamb’amhlophe kwabhekabezayo.

Ngiyakuzonda kufa ndini!

ibhalwe uMakhosazane Ndwandwe Shwala