NGCULAZA!!

Ngculaza! We ngculaza kazi lukuphi udosi lwakho.

Safa saphela isizwe sikaMageba ngenxa yakho ngculaza.

Safa saphela isizwe sabansundu ngawe uwedwa ngculaza.

Yazi uyamangaza ngoba ushaya ubhuqe odokotela, onqondonqondo, amaphoyisa nabantu abasha.

Kazi liphi ikhambi lakho ngculaza.

Wasibhuqabhuqisa okwezintuthwane nje kwenze njani.

Ngiyakhala ngalomntwana omncane osumshiye eyintandane.

Kazi soshonaphi na, safa ilolubhubhane lwentsholongwane engugawulwayo.

Ngiyakuhlonipha ngculaza kwala noma sekukhona amakhambi okukuthithibalisa kepha sisaphela isizwe sakithi.

Ngigeza izandla ngawe ngculaza namhlanje sizintandane asinababa asinamama ngenxa yakho.