Ngahlulwa yithemba

Ngikhule ngiyintokazi yakwethu,

Ngiyintombi eyodwa phakathi kwabafowethu,

Bengizogqaja ngobuntombi bami,

Ngangithi ngiyohlala ngentombi ngize ngifike emshadweni wami,

Ngenxa yeziyalo nezeluleko zazivela kubafowethu nabazali bami.

Ngangithi nje ukuthintwa umfana ngeke kwenzeke,

Ngiyogqashiya ngijokole esigcawini ngeliqonde thwi ibele,

Kwazise nesibaya sikababa sisaphelele,

Ukuthi nje kulethwe izinkomo ziphelele, okusele.

Ngamane ngaqala isikole samabanga aphezulu,

Laqala lahlasela idimoni lokukhula,

Ngazibandakanya nomjolo nabangani ngaphezulu,

Ngazama ukulilwisa ledimoni ngeziyalo zabazali kodwa langehlula.

Kwavela insizwa esithe ukuqina emzimbeni,

Yazibika ngayiphikisa kodwa yaveza okusesikhwameni,

Kwazise nasekhaya kasimile kahle siyazisokolela,

Yangicindezela ekhoneni ngamagama lensizwa ngagcina ngivuma.

Yayingithengela zonke izinto nomakhalekhukhwini,

Abangani bami babeyikhonze ngokweqile ngoba babephuza,

Nasekhaya bese nginokweqa ngisho phakathi kwamabili,

Kwale noma abazali bengikhuza bengishaya,

Kodwa wona umthetho wabo ngangiwephula

Ngoba nami ngabe sengigcina ngokuphuza.

Lomlisa wagcina ngokusifohla isibaya sikababa,

Ngoba ngangiphuzile futhi nejazi angikhumbuli silisebenzisa,

Namhlanje ngikhulelwe ngenxa yokuthi ukungishada wangithembisa,

Ithemba lami sekwaba umtholampilo,

Ngoba ngasuleleka nangegciwane lengculazi.

Namhlanje umlisa akasangifuni ugijimisa abanye,

Futhi ngisanda kuthola nokuthi unonkosikazi nezingane ezine,

Ngapha ekhaya abazali abafuni nokungibona,

Kuthi abangidle ngiphila ngoba babengikhuza,

Inkukhu seyinqunywe umlomo uma bengibuza

Ukuthi kungabe yiwona mvuzo na lona engangifuna ukuwuzuza?

Namhlanje impilo yami seyasekelwa ngamaphilisi,

Njalo ngehora lesishiyagalombili kumele ngiwagwinye,

Namuhla umtholampilo sewaba ngomkhulu umngani kimina,

Ngoba abantu ngangibabiza ngabangani sebangijikela,

Mina nabo kangazi sabangani.

Sengaba nenhliziyo encane

Ngoba kakade kayiphakelwa,

Bodadewethu ningenzi amaphutha afana nawami,

Ngoba sinokuhamba ngendlela ethi iyothandweni

Masiya ekufeni siphelezelwa ngabantu abase nkanukweni.

Ningaphiki nami

Mina ngahlulwa yithemba

Ngyathemba umuntu ongenathemba,

Nciphisani lelijubane,

Ngoba angikaze ngizibone zihamba ngesivinini

Izimoto eziphethe isidumbu uma ziya emalibeni,

Kuthina bantu besifazane uthando Kade lwaduka ezinhlizweni,

Kodwa ngoba singamaqili sesalukhomba kwabesilisa emaphaketheni.

Ningaphiki nami

Mina ngahlulwa yithemba.