Empumalanga, eningizimu, enyakatho

Kanye nasentshonalanga sekuqgama

Izembatho zenu.

Nivela kubancane, kubadala, kwabayizigebengu, kwabaqwayizayo

Kanye nakubabulali anisakhethi.

Ilizwe lonke seligcwele ngamathwasa Kanye nezangoma, okwabantu abathole inkululeko.

Ngubani ozolapha omunye?

Ogulayo um’eyohlola kuthiwa makathwase

Ongahambelwa izinto naye kuthiwa makathwase.

Kuse yinina na? Noma sekukhona abambumbulu?