Empumalanga, eningizimu, enyakatho
Kanye nasentshonalanga sekuqgama
Izembatho zenu.
Nivela kubancane, kubadala, kwabayizigebengu, kwabaqwayizayo
Kanye nakubabulali anisakhethi.
Ilizwe lonke seligcwele ngamathwasa Kanye nezangoma, okwabantu abathole inkululeko.
Ngubani ozolapha omunye?
Ogulayo um’eyohlola kuthiwa makathwase
Ongahambelwa izinto naye kuthiwa makathwase.
Kuse yinina na? Noma sekukhona abambumbulu?