Tikulentsheni mhlahlandlela

wen’uyongihlumelelisa

Wena uzovula iminyango

ngingene

ngivulele ngingene

Malusi wezizwe

Awukhethi bala lamuntu

Bonke abasondela kuwe,

ubaholela ekukhanyeni

Sengingena ezikhungweni zemfundo,

ephezulu

Ungivulele iminyango ebivalekile

Ngingelutho nami ungithintithile,

wangenza ngahlala nezichukuthwane,

ezilaphaya esichongweni.

Ngingelutho ngingenalutho ungenze,

ngahlonipheka

Bengingasabizwa ngegama lami,

ngidelelekile.

Awuzange ubuke impande,

engidabuka kuyo

Awuzange wangicwasa

Awukaze ungilahle

Awusoze ungilahle

Angeke ungijikele

Angenke ungikhohlwe

Ngizwe kuthiwa kukhona umuntu,

obizwa ngomngani

Ngubani umngani weqiniso?

Ngempela ungumngani uhlale,

uhlezi ukhona noma kusinda kwehlela

Uhlale ukhona noma isiziba sijulule,

awulahlani

Ungitakulile nami awungishiyanga,

ngaphandle ngibalisa

Ungamukele ngemfundumalo, kuhle

kwesikhukhukazi

Mngani liyakufanela igama lakho

Lidalelwe wena wedwa

Ungifundise ukuzimela

Wangifundisa ukuzethemba

Wangifundisa impilo

Wangiholela ekukhanyeni

Awugcinanga lapho ungiphe,

umsebenzi engiwuthandayo.

Ihhovisi ongiholele kulo,

elibukhazikhazi libheke eMpumalanga

Lithi ilanga liphuma ngibone,

ubuhle bedalo

Nawaya namagagasi ayanyuka,

ayehla

Yinhle imvelo kaMveligqangi

ihhovisi ongiholele kulo liphezulu,

ngima ezitebhisini zinginyusele kulo.

Ngigibela umshini onginyusela kulo.

Ungikhiphe endlini eyakhiwe,

ngontshani

Ngangisaba ngisho ukuvuthisa,

ikhandlela ngifunde ngoba

ngokuphazima kweso

kwakuzokwenzeka omkhulu Lo

umonakalo

Ngilahlekelwe yikho konke.

Ngangiwubasa umlilo phandle,

ube mkhulu khona ngizobhona,

kahle lamagama abhalwe amancane.

Ngiphuma endlini yotshani

Sengiphuma endlini eyakhiwe,

ngezitini ezingamatshe aqinile noma

lingavutha ikhandlela angendle,

zidilike izindonga zosale zimile,

kohlale kwazeka umlando ngazo

Lesi sakhiwo sinamagumbi,

amaningi ungase ufunge ukuthi,

kuseZulwini elincane

Lesi sakhiwo sibukhazikhazi

Asingifanelanga nami

angazi noma ngiyaphupha yini?

Kuqhakaza izibani ezinhlobonhlobo,

kuhle koThingo lweNkosazane.

Amagumbi maningi,

angazi ngikhethe liphi

Udadewethu nabafowethu,

bazozikhethela aphinde asale,

amanye amagumbi azobekelwa,

izivakashi nabanye abezayo