Ind’indlela ,abahambi bayo
Balahlekelwa imiphefumulo,
Abanye balimala
Abanye akwaziwa ukuthi bayaphi.
Konke lokhu kwenzelwa ukuba
Mina nawe sibe la esikhona namuhla.
Sesi bungaza lolu suku siphuza,
Sibhema izidakamizwa,
Sithini ngaleli gazi elachitheka?
Uhulumeni uzama ukusidlisa izambane likapondo, kodwa sikhetha imbuya ngothi
Phenduka, lisekhona ithuba
Akuliwanga ukuba ube iphara, kodwa
Khalifa ukuba uqhakaze.