Ind’indlela ,abahambi bayo

Balahlekelwa imiphefumulo,

Abanye balimala

Abanye akwaziwa ukuthi bayaphi.

Konke lokhu kwenzelwa ukuba

Mina nawe sibe la esikhona namuhla.

Sesi bungaza lolu suku siphuza,

Sibhema izidakamizwa,

Sithini ngaleli gazi elachitheka?

Uhulumeni uzama ukusidlisa izambane likapondo, kodwa sikhetha imbuya ngothi

Phenduka, lisekhona ithuba

Akuliwanga ukuba ube iphara, kodwa

Khalifa ukuba uqhakaze.