Ndulo ub’uphuzwa Makhehla

Nezalukazi, kodwa namuhla

Uphuzwa nal’usana.

Injongo yakho yini?

Ufike okomuntu ozojabulisa,

Kanye nokukhipha isithukuthezi

Kodwa wenza ngenye indlela.

Usuphenduke isifo mhlaba wonke.

Nakuba waziwa ukuthi uyingozi

Awubekwa phansi, konke okuhle

Uyakubulala.

Omama abakhulelwe banawe,

Izingane ezifundayo zinawe,

Abashayeli emgwaqeni banawe,

Kodwa imiphumela yakho iyamangaza.

Bazamile abomthetho ukuk’lawula

Ngokuthi uphuzwe abeminyaka ethile

Kodwa awulawuleki,

Ungumashaya bhuqe impela.