Ndulo ub’uphuzwa Makhehla
Nezalukazi, kodwa namuhla
Uphuzwa nal’usana.
Injongo yakho yini?
Ufike okomuntu ozojabulisa,
Kanye nokukhipha isithukuthezi
Kodwa wenza ngenye indlela.
Usuphenduke isifo mhlaba wonke.
Nakuba waziwa ukuthi uyingozi
Awubekwa phansi, konke okuhle
Uyakubulala.
Omama abakhulelwe banawe,
Izingane ezifundayo zinawe,
Abashayeli emgwaqeni banawe,
Kodwa imiphumela yakho iyamangaza.
Bazamile abomthetho ukuk’lawula
Ngokuthi uphuzwe abeminyaka ethile
Kodwa awulawuleki,
Ungumashaya bhuqe impela.