Somandla kuncan’ukubonga kwami,

Ngiswel’eyizinkulungwane yokukubonga,

Bogogo nomkhulu ngiyanibonga zinyanya,

Mdali wezulu nomhlaba ngiyabonga,

Ngilaph’engikhona ngokuthandwa nguwe,

Ngidalwe kanjena nje intando yakho,

Akukhon’ukuqonda nokuhlakanipha kwami

Ngiyakubonga nangokuhlakanipha kwami,

Lapho ngibheka emuva ngiyamangala,

Ukuthi nginqobile kuyamangaza Nkosi,

Nkosi namanje izitha zami zisamangele,

NginguSimangaliso koSimangele,

Zibamb’ongenhla zayek’ongezans’izitha,

Bebengibambel’ukuthi ngihlezi ngiphansi,

Ngibonga nabaphansi ngokungivikela,

Kubongwa okuncane, kubongwa okukhulu,

Umusa wakhe phezu kwami mukhulu,

Kukhulu kakhulu angenzele khona,

Ngongenzele khona ngibonga kakhulu,

Wangikhulula lapho bengiboshwe khona,

Ezindumbeni bathakile bahluleka bona,

Ezigodlweni bazamile bahluleka nakhona,

Ngezikhali zabo bazamile bahluleka,

Befungile ukuthi ngizohluleka,

Izifungo zabo ngizehlulile ngiyabonga,

Namuhl’angisona isehluleki ngoba,

Ngaphunyuka, ukungibamba bahlulekile.

Ngiphunyukil’ogibeni lwabo Nkosi,

Izimpi engizaziyo ngizinqobile Nkosi,

Izimpi ebengingazazi nazo ngizinqobile,

Nezimpi eziseza ngawe zinqotshiwe,

Nemimoya emibi nayo inqotshiwe.

Kuningi kakhulu ongenzele khona,

Kuncane ukubonga kwami Somandla.

Ngibonga kuwe Nkosi yamaKhosi.