Nembeza Khumbul’ekhaya,

Nembeza buyel’ekhaya,

Kumuntu nembeza ubunekhaya,

Wahamba wangabuya ekhaya,

Kumuntu unembez’awusenandawo,

Selokhu wahamba ekhaya kumuncu,

Yebo ikhaya selaba ngamanxiwa,

Zisekhona izindonga zaseJerikho,

Ngaphandle kwalel’eliny’ikhay’alikho,

Ngiyakucel’uzithob’ubuyel’ekhaya,

Sabhala sayeka kwaKhumbul’ekhaya,

Sikucela ukub’ubuy’uz’ekhaya,

Namanje lutho ukubuya uz’ekhaya,

Nosokhaya akaphathekile kahle,

Selokhu wamshiya wasala nokuzisola,

Njengamanje ufisa ngabe uyakuthola,

Kukude emuva kukude phambili,

Namuhla ujeqeza phambili nasemuva,

Ngethemba lokukubon’ubuy’ekhaya,

Ngokuhamba kwakho akunakuthul’ekhaya,

Nembeza ngicela ubuyel’ekhaya,

Nembeza ngicela ukhumbul’ekhaya.