KUMELE AJEZE

Sigilamkhuba ndini!

Sigilamkhuba ndini!

Sabela uze sibhekane,

NabakwaSidlodlo sebehlulekile nguwe,

Nabo usubaxakile uyangena uyaphuma kwaLasha,

Uveza ukulunga okungaphandle Kanti ngaphakathi unuka Phu,

Baze bakwethembe bethi sewujezile sekwanele Kanti uthi lala lulaza bazokwengula.

Mbulali ndini!

Uhlulwa ngontanga amaNkomane uwezwa kubantu besifazane,

Lesis’isbhakela wasifundelaphi?

Lokhu kukhahlela wakufundiswa ubani?

Uzoze ufumbe iNqindi empeleni ufumbela bani?

Lomuntu omshayayo umnikwa ngubani?

Lomuntu ombulalayo ungokabani?

Sekufanele ujeze futhi isijezo Sakho sehluke kwezinye,

Sekufanele ujeziswe ngeny’indlela,

Ukuboshwa sewukujwayele sewungen’uphuma ikwenu inkosi,

Sekufanel’ukuqhathwe nontanga Sibone,

Sekufanele ulwe nabashayisbhakela bangempela,

Sekufanele ujeze ngokwehlukile manje.

Ukuba kuyangami ngabe siyabuya isigwebo sentambo,

Ukuba kuyangami ngabe impela banqunyw’amakhanda bezwa,bebona,negazi labo ligobhoze belibuka,

Ukuba kuyangami ngabe banqunywa maqedebashiswe engani nabo basenzumhlatshelw’eBhayibhelini.

Impela kufanele bajezele ukuthi nalana beyakhona bengakufisi ukuphind’icala nesono.

Akajez’okokugcina okuyomenza angaphind’awubeke umcondowakhe ngisho ePhusheni imbala.

Jeza ujezel’izono zakho sigilamkhuba,

Akashaywa umuntu weSifazane.

Akabulawa umuntu weSifazane.

Akashiswa umuntu nakuba ngubani na.

Mayekwehlula muphindisele la owamthola khona.

Mayekwehlula muphindisele la owamfica khona.

Mayekwehlula mubuyisele Kubo unabakwabo.

Hayii! ukumbeka Isandla icalel’ibomvu ngish’emaZulwini uqobo.

Gcina ngci.

Ongakaqali akangab’esaqal’icala elibomvu uzovalelwa ingunaphakade,

Ongakaqali akangab’esaqal’icala elibomvu uzonqunywa elakh’igazi uzolibona ligobhoza lize liphenduk’ihlule Lome nawe womele ogodweni.

Ngiyakutshela nasi!

written by Makhosazane Ndwandwe Shwala