Kusasa bathi awaziwa
Sengiyasho nje ngizisholo
Noma ikusasa lingaziwa
Okwenza namhlanje kubaliwe
Ukuzimisela kubaliwe
Ukungalilahli ithemba kubaliwe
Kubaliwe nawe usungabala
Ayikho inkomo yobuthongo
Awukho umshikashika ongenayo inzuzo
Impumelelo oyakhela ikusasa iqala namhlanje
Amaphupho akho akhiwa ukuziphatha kwakho namhlanje nekusasa eliqhakazile
Uzoba yilokhu okubonayo
Okushisekelayo ngokukufisa
Onyathela ezinyathelweni zakho
Yekela ukubalisa , Sukuma wakhe ikusasa lakho elihle sebenzisa lokhu onakho
Ikusasa liqala manje
Namhlanje
Wena Ngiyazi Uzophumelela