Abanye bayakusaba, mina khohlwa.

Uyobakhohlisa abalibele, mina sengiyakwazi.

Bengithi bayakusukela uma beth’awulungile.

Bengilungile ,ukulunga kwami kungibulele kabili.

Uma utshel’abangani bakho ngami,

Uthi ngiyazitshela, pho ikuph’inkinga.

Ubobatshel’ukuthi ubangani nami,

Inkinga yakho umona.

Uthi ngizenza ngcono mina,

Ngikuzwa ngawe mina lokho,

Hlukana nomona, awubuyiseli,

Inkinga yakho uhlushwa umona.

Khona ngizitshela, kubuhlungu kuphi kuwe?

Uma ngizitshela, awuthandi yini wena?

Ngempilo yami ngizozitshela,

Uma ngizotshelwa nguwe uzongidukisa.

Wena uhlushwa umona,

Ngyasola nomuthi uwulanda eMona,

Khulula inhliziyo uzophela umona.

Inkinga yakho umona.

Nabangani bakho abakakuboni,

Nabangakakuboni bayoze bakubone,

Icala lami kuwe angilazi,

Ingilozi yomona iphila kuwe.

Inhliziyo yakho ilukhuni satshe,

Unesifo esibi, isifo senhliziy’embi.

Ubathenga ngezinyo bakhohliseke,

Inhliziyo ngaphakath’igaya izibozi.

Muva nje sewahlulwa nawukuzenzisa,

Phela ngikwazi unekhono lokuzenzisa,

Angikusoli ngoba nawe awuzenzi,

Wenziwa inkinga yomona.

Zifundise ukwamukela, ngiphila kanjalo.

Inhliziyo yakho uyikhulekele,

Nami ngizokukhulekisa ze usinde,

Ze ukhululeke kulenhliziyo esindayo.

Uma ungayek’umon’amehlo ayovuleka,

Lonkungwini okusithile ngumhobholo.

Cha ungabasukeli, abakuzondi nakancane,

Bazonda lenhliziyo egcwel’amazondo.

Ngalenhliziyo yakho uzothi bankenkinga,

Inkinga enkulu ingaphakathi kuwe,

Abanankinga nawe futhi abananxa nawe,

Inkinga yakho ubuswa umoya womona,

Awunangish’encane le, inkinga yakho umona.

Uzofa kabuhlungu ngalenhliziyo yakho,

Uzozibulalisa ngenhliziyo ngalomona wakho.

Umona usuk’esweni uye enhliziyweni,

Inkinga yakho umona.