Ngavundl’esibelethweni seJob’elihle,
Ezinsizini ngacoshwa iGutshwa elihle.
Intandan’enhle ngumakhothwa ngunina,
Inhlanhl’enhl’eyangivelela ngiyintandane,
Okwakoban’ukuba nomama ababili.

Ngibong’angiqedi ntombi kaSithole,
Ngibonga ngiyanconcoza  ntombi kaSimelane.
Ngingenababa nibufihlile ubuze bami.
Ngingenani bengingento yalutho.
Ngingenalutho beniwa nivuka nami.

Ngifisa ngab’uyawezw’amazw’ami mama,
Lala uphumule ntombi yakoMondise,
Ngifis’ukubonga kwami kufike kuwe mama,
Ebuthongweni baphakade ngiyabonga mama.

Ntombi kaSimelane, ngiyabindeka mama
Ngibindwa ubuhle benhliziyo yakho mama wami.
Ngilapha ngikhona nje nguwena mama,
Ngakho konke mama wami, ngiyabonga.

Ngikufisel’unwele olude Magutshwa,
Inhlanhl’enhl’eyangivelela ngiyintandane,
Nginomama ngaphinda ngathola omunye,
Okwakobani ukuthandwa kabili ngomama.
Ngiyohlale nginithanda bomama bami.

Ngiyanithanda bomama bami,
Ngiyohlezi nginihlonipha nikhona, ningekho.
Ngixolise ukunidalula ngamagama,
Nesi Sithole, ngyabonga mama,
Nhlanhlenhle Simelane, ngyabonga mama.
U Celukwanda ucela kwande okuhle.