Uma ngisiqalekiso kuwe

Uma ngikhala ngikhala kuwe

Uma ngisilingo kuwe

Ngizokhala kubani?

Ngifukanyelwa nguwe ungamaphiko wami

Ngiqathuliswe nguwe unguthisha wami

Ngibelethwe nguwe uyinsika ungumzali wami

Ngingadwanguza emangani uma ungilahla

Ngizobuya ngibonwe ubani

Ngizoba umtshing’ubethwengubani uma ungijikela

Intandane umakhothwa unina ngiyokhuselwa ubani

Ngizokhala kubani?