Lafa elihle kakhulu,

Lafa elik Mpunga noMageba

Yashona ngaphi inhlonipho?

Yandliw’yinja iyinyama yini na?

Waqophisa nomzali wathi uyakshaya,

Waphenduka isboshwa,

Waqophisa nothisha wathi uyakshaya

Waphenduka isboshwa,

Usuhamb’ izindlela zobu’mnyama,

Usubhema umthunzi wez’nkhukhu.

Uhamba ungena ezindawen’

Ufuna bona utshwal’

Umbulala sizwe.

Waphenduk’ inhlekisa emphakathin,

Omakhelwan’ behleba ngawe

Ngob’ phela wena awulalel’.

Uzongikhumbul’ sengithwel’ inhlabathi

Ngesifuba.

Ihlonipho,

Hlonipha ,lalela Uma utshelwa

Laf’ elihle kakhulu.