Ngikhalela umlilizelo wami manje,

Kukuhle kwethu besililizela,

Nomakhelwane nabo bebelilizela,

Sithi wavuka lomuzi odelelekile,

Emzini wami yimi osedelelekile,

Nomfana wami naye usengiyekelelile,

Bamthathile mina ngingazelele,

Mina sengiyazifanela nongazele,

Umakoti usekhohliwe ngakuzele,

Induku enhle igawulwa ezizweni,

Umfana wami utheze idungamuzi,

Lomfazi ungidungela umuzi wami,

Ngiphenduke isihambi emzini wami,

Lomfazi ungixabanisa nengane yami,

Phela mina ngizalelwe inja emzini wami,

Bengith’umakoti uzovusa umuzi wami,

Kanti yena uzongidungela umuzi wami,

Sengifisa nokubashiya nawo lomuzi,

Umtanami ungigqem’engeqiwa ntwala,

Bath’angigezi ngiyanuka, nginezintwala,

Ngilambile idungamuzi lishay’esentwala,

Kungcono ngibulawe indlala kunoshevu,

Ujuqu wamagundwane mina ngiyawesaba,

Neziket’uyangikhwincela uth’akangisabi,

Ukuhlala kwami mina sengiyakwesaba,

Nokulala kwami nakho ngiyakwesaba,

Wath’uzongenza isilo sengubo akangisabi,

Nokumboza ngengubo mina sengiyasaba.