Njengezingane zonke nami,

Ngizalwa ngumama nobaba,

Ngezinkinga zomhlaba,

Ngasala ngingenababa,

Okubuhlungu ngangisamding’ubaba.

Zange kube lul’ukukhul’engekh’ubaba,

Ngibong’umama ngokuw’evuka nathi,

Baqinisil’abath’intandan’enhle,

Ngumakhothwa ngunina, ngiyabonga maSithole,

Soze indlovu yasindwa ngumboko wayo.

Ngenhlanhl’uNongalo akazalwanga yedwa,

Kulobomnyama bokukhula ngokukhona,

UJehova waleth’ukukhanya ngelinye ithuba,

Ngathol’ithub’elihle, lokuphinda ngibe nobaba.

Ngikhula benginikizela ngamanikiniki akhona,

Ngilandelelw’amagam’aziswana ngamanikiniki,

Ngabezwa kepha zange ngibalalele,

Ababekusho ngami konke ngakushay’indiva.

Inkosi yangipha eliny’ithuba,

Ithub’elihle lokuphinda ngibe nobaba,

Ubab’ongenz’umunt’ebantwini ngingemuntu,

Yize sezadlula, ngyazikhumbula lezonsuku.

Injabulo yami kwaba ngeyomzuzwana,

“UThuba akanangane lapha egcekeni”

Lahlaba lephukela lelo kimi,

Maqede ngasala ngincel’isithupha,

Sengiphuciw’eliny’ithuba lokuba nobaba.

Ngalahlekelwa ithuba elihle,

Ithub’eliyingqayizivele,

Ithub’elihl’elangivelela,

Ithuba lokuphinda ngibe nobaba.

Isandla sendlula ikhanda Nongalo,

Isandl’oselulile kimi size sibusiseke,

Okwenze kimi ukwenze nakwabanye,

Mpilonhle, mpilonde Nongalo.