U NTOMBIZEKHETHELO 
  • UKhethelo wayeyintombazanyana eyayithandeka endaweni. Wayethanda ukucula nokujabulisa abantu esgodini sangakubo eMakhonyeni. Wayengasusa ngisho uhubhu lwamanga ukujabulisa wonke umuntu ukubabona behleka futhi bejabulile kwathi ngenye imini esaziculela enanela ubumnandi bomoya womfula kwavela ufishi ongumuntu ngaphezulu. Wathuka woma wathi uzama ukubaleka wavele wakhuluma wathi kuye, “Lalela hamba utshele wonke umuntu ukuth ngith angezi, angawashi angawathinti amanzi ksasa ngizobe nginedili nomdeni wami.” Waphuthuma ngempela uKhethelo wabatshela bonke kodwa akekho owamkholwa bavuka ngakusasa baqonda emfuleni abanye bawasha abanye bekha amanzi. Kwaqubuka ifu elimnyama emanzini lakhafula yonke into kwaduma izulu Elana ngamandla ladudula izihlahla abantu babaleka lana inyanga yonke kungasondeleki ngasemfuleni kodwa kwathi ngenyanga yesibili isigodi sesikhukhulekile kulele yonke into phansi .uKhethelo waqonga isibindi wathatha imali emhlophe waqonda ngasemfuleni.
Wafike waguqa Lina linjalo washaya umculo omnandi opholiile owawuheha ngisho nezinyoni wacula wacula ebeke imali emhlophe phambi kwakhe kwathi emva kwamaminithi ayishumi aqala ehla amanzi izulu layeka ukuna ,kwavela isibhakabhaka nelanga ,kwase kwavela futhi inkosazane yamanzi yase yathi kuye “ngiyabonga Waze wangipha isipho esikhulu kangaka Nami ngikupha esami ukusuka namhlanje usunguNtombiZekhethelo
Akekho oyomelana nawe ngoba umelane Nami wanginqoba .yaqeda lapho inkosazane yamanz yathi swaca emanzini ayiphindange Yana imvula enamandla .uNtombiZekhethelo waqhubeka nokuphila kahle esigodin sangakubo.
Nabantu baqhubeka nokumthanda
Created by Z.A khumalo