Kwaku khona umakoti owayengane emndenini wakwa Mkhize. Igama lakhe ngu Thokozani Nomcebo Mkhize. Kubo kamama wakhe ikwa Cele. Washada eseminyakeni engu 18 ubudala. Wakhula enzelwa izinto ngoba kwakuye kuphela ingane kubo. Lezinto zokwenza zokupheka, ukuwasha, ukuhlanza indlu kwakuyinto angayazi nhlobo. Washandela undaweni yase makhaya Emkhomazi. Yena wayeno mamezala ongawulokothi ushidi. Kwathi ngelinye ilanga wamtshela ukuthi kumele aye ehlathini kusasa eyotheza izinkuni ukuze balungiselele umncimbi omkhulu abazoba nawe kulesonto abaya kulo. Ukusa kwabonwa ngiye umakoti. Wathatha izinto azozisebenzisa uma esehlathini, wabe esephatha namanzi ukuze Uma uwoma aphuze wona ngoba ilanga lalikhipha umkhovu etsheni. Wafika ehlathini wazama ukutheza kodwa ngokwakhe izinkuni yizinkuni nje. Wayetheza izinkuni ezimanzi ezingeke zikwazi ukubasa umlilo. Wezwa imzi elihlekayo ‘IHE HE NGABE LEZO ZINKUNI ZIZOBASEKA YINI’ emangala umakoti ‘NGABE YINI LEYO’. Phela ehlathini kwakuthulakele ngalendllela yokuthi wawu ngezwa ngisho nezinyoni zidiza. Laphinda lezwi ‘BHEKA NGALANA’ wawa phansi umakoti ethukile. Wathi ephenduka wabona inyoni enkulu ihleli phansi. ‘YISIMANGA LESI, INYONI ENGAKA FUTHI IYAKHULUMA’ iphimbo lika Makoti. ‘UNGAMANGALI VELE NGIYAKHULUMA’. Namanje akakholwa umakoti kulento ayibonayo, ngokwakhe wayezitshela ukuthi iphupho leli, ayikho lento ayibonanayo. Inyoni yezwakala ikhuluma ngezwi elinswininizayo ‘NGIZOKUSIZA MINA NGEZINKUNI KODWA KUMELE UWENZE ISITHEMBISO UKUTHI NGEKE UZE UTSHELE UMUNTU NGALENTO’. wanikina ikhanda umakoti kusho khona kuthi uyavuma. Inyoni enkulu yathatha izinkuni ezobile yazihlanganisa, yathatha nentambo yazihlanganisa. Waphuma inkatha isihlangene. Wahamba umakoti esebheke ekhaya kodwa ngendlela engazi umakoti inyoni enkulu yamulandela ifuna ukuqinisekisa ukuthi ngeke atshele muntu uma efika ekhaya ukuthi usizo bani. Wafika ekhaya wazibeka izinkuni endlini yokubasa ngaphandle. Wabe esengena endlini enkulu. Inyoni enkulu yafika yahlala phezu kophahla lwendlu ifuna ukuzwa kahle ukuthi umakoti uzosiphula yini isithembiso sakhe noma cha. Wamangala umamezala wakhe ezibuza ukuthi lezinkuni ezingaka usizo bani ukuze azithole. Wambuza ukuthi usizobani kodwa njengesithembiso washo ukuthi uzitheze yena lezinkuni. Ngoba kudala kwakwaziwa ukuthi ehlathini kwakunenyoni enkulu ehlala khona kodwa kwakuyinto abantu kulendawo abangasayikholelwa. Waphinda Wambuza ukuthi Usizo bani kodwa wahluleka ukuzibamba walikhuluma iqiniso,ukuthi usizwe yinyoni enkulu ekhulumayo. Waphumela ngaphandle umakoti emangele ngalento abayikhulumayo ngenyoni enkulu wezwa ngezwi ‘UNGITHEMBISILE KODWA WASIPHULA ISITHEMBISO’. Waphenduka wabona inyoni enkulu idiza eboyeni. Wezwakala esekhala umakoti ‘NGIXOLELE’. Inyoni enkulu yamngqofa inyoni enkulu wabaleka ehamba ecela usizo. Umamezala Kanye nomndeni wakhe bamubheka Ehlathini, Emfuleni, Ematsheni, Ematsheni kodwa lutho ukumthola. Kuze kube yimanje umakoti akaze abuyele ekhaya abamazi nokuthi ukuphi. Kuze kube yimanje akekho awake wabeka unyawo lakhe kulelalahlathi emva kwesingameko esenzeka kumakoti wakwa Mkhize.