Ikusasa alaziwa
Ngikhule kanzima ekhaya
Umama usehlale ewukudla kwenduku
Zikhathi zonke zokuphila kwakhe

Kwakunzima ukubukela ubaba eshaya umama
Ngingena kwenza lutho ngaleso sikhathi
Ngoba nami ngangiseyingane engenakuphawula lutho. Abanye abantu uma bebona owesifazane 
Babona into engelutho efanelwe yinduku

Ngangithi ngyazama ukufunda ukuze ikhanye
Neyami impumelelo ngingena kwenza lutho
Ngoba inhloko yomuzi yayibona imfundo
Ingenamsebenzi walutho. Ngazama ngapatanisa

Ukufunda ekseni eskoleni ukuze ngibe nolwazi
Njengabanye abafundi. Omakhelwane babethula bebukele ubaba eshaya umama. Kodwa angibasoli
Phela ubaba wayeyindoda esabekayo ingakaphimiseli amazwi ayo.Ngangihlale ngenza kahle ezifundweni ukuba nekusasa eliqhakazile. Ngazama ngakwazi ukuphila abazali bami sebengasekho. 

Umfowethu wayelale ngaphandle uma wayengazibuyisanga izinkomo nezimbuzi. Ubaba wayekhona ephila kodwa ngase ngimthatha njengonto engenamsebenzi walutho ngoba wangithathela igugu lami. Wangithathela konke enganginakho .Wawukhubaza umoya . Manje useyazisola ngoba ebona esenganamuntu,udliwa umzwangedwa okweselesele ligxumagxuma emanzini. 

Usedliwa unembeza. Wayethi wenza okulungile kozwakwabo kodwa wehluleka ukuvikela owakhe umndeni, igazi lakhe. Wehluleka ukuba yinhloko yomuzi. Waphenduka umhlukumezi , isixhwanguxhwangu sendoda esihluleka ukunakekela umndeni waso. Kodwa konke lokhu kwadla yena . Ngakwazi ukuphumelela empilweni yami ngazitshela ukuthi uma into uyidinga uyayilwela. 

Yingakho ngafundela ubummeli ukuze ngikwazi ukumela izingane abesifazane abahlukumezekile.Lokhu kwangifundisa ukuphatha kahle nokunakekela umndeni wami. Umfowethu akasheshanga waxola njengoba wayengekho emgcwabei kababa. Impumelelo yami yayishintsha impilo yami.


Lendaba iqiniso kodwa lokhu akukaze kwangehlela . Lokhu kusuka ngaphakathi enhlizweni yami. Masisukume silwele ukuhlukumezeka kwabantu besifazane nezingane