Umfowethu wayelale ngaphandle uma wayengazibuyisanga izinkomo nezimbuzi. Ubaba wayekhona ephila kodwa ngase ngimthatha njengonto engenamsebenzi walutho ngoba wangithathela igugu lami. Wangithathela konke enganginakho .Wawukhubaza umoya . Manje useyazisola ngoba ebona esenganamuntu,udliwa umzwangedwa okweselesele ligxumagxuma emanzini.
Usedliwa unembeza. Wayethi wenza okulungile kozwakwabo kodwa wehluleka ukuvikela owakhe umndeni, igazi lakhe. Wehluleka ukuba yinhloko yomuzi. Waphenduka umhlukumezi , isixhwanguxhwangu sendoda esihluleka ukunakekela umndeni waso. Kodwa konke lokhu kwadla yena . Ngakwazi ukuphumelela empilweni yami ngazitshela ukuthi uma into uyidinga uyayilwela.
Yingakho ngafundela ubummeli ukuze ngikwazi ukumela izingane abesifazane abahlukumezekile.Lokhu kwangifundisa ukuphatha kahle nokunakekela umndeni wami. Umfowethu akasheshanga waxola njengoba wayengekho emgcwabei kababa. Impumelelo yami yayishintsha impilo yami.
Lendaba iqiniso kodwa lokhu akukaze kwangehlela . Lokhu kusuka ngaphakathi enhlizweni yami. Masisukume silwele ukuhlukumezeka kwabantu besifazane nezingane