Angithule Ngoba ngithule kepha sengakhetha ukuthula ngibuke, 
Ngibuke undodakazi oyintandokazi Kimi kepha usephenduke isalukazi emncane 

Yeka uzinyanga eziyisishagalolunye ngimthwele hhayi Ngoba ngimbalisela kepha sengicabanga leli ksasa eliqhakazile ebengimfisela lona amaphupho Amahle ebengifisa awafeze kepha yena wakhetha ukulifiphalisa walitshaziswa izinto zomhlaba Ngoba sezimhlaba manje 

Wakhetha ukuba isalakutshela, O’ Maye sonke simbonile ngomopho okubuhlungu izenzo zakhe zithinta nami Empeleni angiphathekile kahle nhliziyo yami uyiphulile Nami sengikusho kugcwale umlomo ukuthi angizalanga ngabola amathumbu 

Phela umqamelo wami usuphendeke umsuli wezi nyembezi zami ngenxa yakhe undodakazi , yena uthathile iziyalo zami waziphendula amanyala kwagcina konke abekwenza ebumnyameni kwavela ekukhanyeni 

Izwe libuka , izwi lami selize lasha ngikhala o maye uzithwele undodakazi