Uma ngibuka ayikho indawo esingathi iphephile esikhathini sanamhlanje.

Ngikhumbula masekuqaleni kweminyaka yama 90’s ukubheka emuva lapho umuntu wayebalekela ukuzephula mayike nje wabona imoto yamaphoyisa. Ijele lalifaniswa nesihogo lapho okungayi olubuyayo.

Kulezinsuku zanamuhla sekulula nje ukuthi umuntu akhiphe umphefumulo. Abanandaba ukuthi bakuphi, kuyenzeka uzwe kuthiwa isiboshwa sibulele esinye ejele. Kunezigameko lakho uzwa kuthiwa umuntu ungene enkantolo wadubula wabulala umuntu phambi kwabomthetho.

Ngathi sincane nesibindi senkomo kunesabantu banamhlanje, ubani nje owayengacabanga ukuthi izigebenga zingagasela esikhumulweni samaphoyisa ziyowephuca izibhamu?

Angisayiphathi eyasazindlini, izigebengu zingena emnyango ziyophuma emsamo. Sithi sibalekela izigebengu sibe sibalekela nezifo nengozi. Babodwa abalala bengabike hlaba kodwa uzwe kuthiwa sebedlulile emhlabeni kanti abanye bavuka beya emisebenzini kodwa bangabuyi ntambama uzwe kuthiwa nabo sebedlulile.

Impela siphila ngomusa.