Ngenza ibanga lesihlanu eminyakeni eminingi eyadlulayo, uThisha uPhalane wake wasixoxela indaba yomunye ubaba owahlala etsheni elalijwayele ukuhlala enye insizwa.

Ngenkathi efika ubaba wabantu esitolo wazibonela itsheni elalisendaweni esithile emakhazeni ayeshubisa umkantsha inane langa, wahamba wayozilindela khona ukuthi kuze kuvulwe esitolo athathe iposi lakha bese ebuyela ekhaya, yayingakafiki nensizwa ejwayele ukuhlala kulona.

Indaba yenzeka kuyizikhathi zasebusika kanje. Sahamba isikhathi yaqhamuka insizwa yansondo, yafika yamsusa ngesankahlu imkhaca nokumkhaca ubaba wabantu okungathi unqabile ukusuka etsheni noma kuxatshenwe.

Wasuka ubaba wabantu ngokukhulu ukuzithoba lokhu, wazama enye indawo wabhudla umoya owawuhambisana namakhaza ayeshubisa umnkantsha.

Kuhambe isikhathi yathola umsebenzi eGoli lensizwa, yase iqala ukukwenza amalungiselelo okuganwa.

Kuthe ubuyile ngezinsuku zamaholidi ka Zibandlela yase ibona intombi yafisa ukuyiganisa, baxoxa bavumelana ya umuntu ozothumela abakhongi.

Lufikile usuku baphuma abakhongi ukuyocela isihlobo esihle. Bafikile bamemeza njengosiko bangeniswa bahlaliswa phansi, umnumzane wekhaya wathumela ukuthi kubizwe abafowabo.

Lwaqalwa udaba bazethula abakhongi, bathula nemibala yamabheka njengokuyimemeza kwabo esangweni. Udaba lonakala ngokukhipha ingqaqa mazinyo, umnumzane wekhaya wacela kubizwe umkhwenyana ukuze ezoyibona kahle lensizwa ezomsukela ezihlalele emzini kayise.

Isimo saphoqa ukuthi lumiswe udaba lamalobolo kulindwe isigijimi esiyolanda yena umnikazi wodaba. Wanede wangena wabeka unqa umkhwenyana , waseyathathisa umnumzane wekhaya wabuza kumkhwenyana ukuthi kungaba usambona yini. Umkhwenyana wacikica amehlo walandula, isimo sathanda ukushuba endlini baxakeka abakhongi nabafowabo umnumzane ukuthi kwenzakalani.

Ube eseyazichaza umnumzane wekhaya, ezichaza ngesigameko esamehlela eyolanda iposi eminyakeni eminingi eyadlula, echaza nobunjalo bosuku nokwamehlela. ” uyamkhumbula yini umuntu owamfica eqhwakele etsheni esitolo ngolesihlanu ziyishumi nesihlanu kuNtulikazi, owafika wamkhaca wamsusa ngesankahlu okungathi wayegolozile ukusukuma etsheni, amakhaza eshubisa umkantsha?”

Kwasa ngokunye kumkhwenyana ngoba wase wazikhohlelwa, engazange amnake nalowo mnumzane ngoba nakhu wayengamazi.

Umnumzane wacela ukuthi umkhwenyana ambuyisele ilanga leli amsusa elithamele elinde kuvulwe esitolo, wazicelela kwababe sendlini ukuthi bangamoshi isikhathi sabo bathi bayamncenga ngoba akazange ancengelwe naye esuswa etsheni egcakamele ilanga.

Kwaphoqa ukuthi abakhongi babuyele emuva nebabefike nakho, nomkhwenyana owayelandiwe. Umenzi wasekhohliwe kodwa umenziwa wayisakhumbula konke ngathi kwenzeke ngayizolo.

Sakhula kuthiwa ihlonipha nalapho engazuyoganela khona ngoba ikusasa alaziwa.