Umzimba kaLungile ufutha wonke ngenxa yezinhlungu. Uphenduka ephendukile, akulaleki. Ugcina ngokuvuka ahlale ngezinqa, abhale inkondlo. Ukubhala izinkondlo yisona kuphela isiphephelo sakhe uma ezizwa ephatheke kabi. Nangezikhathi esemncane, esakhula, wayethanda ukubhala izinkondlo. Ubhala noma ingani esenhliziyweni yakhe. Kuba ukuvula ibhuku lakhe abhala kulo, avele aphume egobhoza amagama.

Sifo sini lesi?

Into eqeda injabulo kuhlasele usizi
Luhlasele luqede luzinze
Injabulo iphenduke iphupho
Mhlaba ngakwenzani wangijezisa kangaka?

Usuku nosuku ngicabanga amaqhinga okuzibulala
Ontanga bami bacabanga amaqhinga okwenza imali
Sekusele kancane umphefumulo wami ngiwuthathe
Kepha ngiyakwesaba ukufa
Mhlaba ngakwenzani wangijezisa kangaka?

Nami ngiyafisa ukuphila njengontanga
Nami ngibone umhlaba kwazise ngisemncane kangaka
Lamaketango angibophile awangidedele
Phela manje sengizwile sekwanele
Mhlaba ngakwenzani wangijezisa kangaka?

Usabuka amagama awabhalile, noma umqondo uzizulela nje, ngesikhathi kuvevezela ifoni yakhe. Umyalezo ongenayo uvela kuMenzi.

Kuphelile phakathi kwami nawe Lungile.

Nginifisela impilo emnandi ninesoka lakho elisha.

Uzisola yena manje uLungile ngesinqumo afike kuso uMenzi. Uthi uzama ukufonela uMenzi kodwa angalubambi ucingo. Uvele abone ukuthi waliwe ngempela manje. Izinyembezi ziyimpophoma, udinda esikaNandi. Uvele athathe isinqumo sokuthi kusasa ekuseni, emuva kokuthi wonke umuntu esehambile, uzozibulala ngempela.

Ekuseni uyise nonina baphuma baye emsebenzini. ULihle, udadewabo omncane, yena uphuma aye esikoleni. ULungile ulele embhedeni, akunyakazeki. Kuba sengathi kukhona into esindayo emcindezele umzimba kanye nengqondo. Kuphela ihora ecindezelekile kanjena. Ekugcineni igcina isukile lento emcindezelile. Usukuma abuke ngewindi. Umgwaqeni kuthulekile akukho lutho. Nangaphakathi enhliziyweni yakhe uzwa sengathi akukho lutho.

Uzwa umzimba ugcwala amandla ngokushesha. Ugulukudela egumbini likanina noyise. Ufika khona, athathe yonke inhlobo yephilisi elikhona. Uqonda ekhishini, awaphonse wonke enkomishini. Afake amanzi. Agoqoze. Aphuze ngokushesha.

Emuva kwemizuzwana nje embalwa kuthi lwaphe, kucime izibani kuLungile. Uthola ukuphumula kwesikhashana ezihlungwini zomhlaba. Bathi bengena abazali bakhe bamfice edindilizile kanjalo, ekhihliza amagwebu.

“Lungile! Lungile! Hawu kodwa ngomntanami,” kusho uMaKhumalo maqede athwale izandla ekhanda.

USibiya uzondeza umzimba kaLungile kuyena, ezwe ukuthi usaphefumula kancane. “Usaphila asimphuthumise esibhedlela ngokushesha!” kusho uSibiya emqubula. “Uphathe izikhiye zemoto! Shesha MaKhumalo!”

Uphuma endiza uMaKhumalo nokhiye. Isuka ngesivinini imoto iyophuma ngesango.

“Lungile, mntanami, ungangishiyi. Ungake ulinge usishiye, mntanami,” kukhala uMaKhumalo.

USibiya ungena amarobhoti ebomvu, ephuthumisa indodakazi yakhe esibhedlela. Uyinyathela imoto igijime ngesivinini esiphezulu engakaze ifike kusona selokhu yathengwa. Uyipaka esicabheni sase-casualty ward imoto. Abahlengikazi kanye nodokotela baxilonga uLungile ngokushesha.

 ***

Sitshele umbono wakho: Ngabe lokhu kuzama ukuzibulala kuzokwenza abazali baLungile bakwazi ukusiqondisisa isifo esimuphethe?