USibiya no MaKhumalo balandela uhlaka oluthwele indodakazi yabo equlekile njengoba odokotela nabahlengikazi belududula beyolifaka e-casualty ward.

“Anivumelekile ukungena la,” kusho umhlengikazi.

“Kodwa uyindodakazi yami nje uLungile!” kuthetha uMaKhumalo.

“Ngiyakuzwa, kodwa abasebenzi balapha esibhedlela kuphela abanegunya lokungena la. Ngicela niye laphaya emabhentshini niyolinda khona. Thina sizosebenza sixilonge ingane yenu, sizolokhu sinazisa ukuthi kuhamba kanjani.”

“Kodwa uyangidinga nje umntanami,” kusho uMaKhumalo.

“Ngicela wenze njengoba ngisho, Nkosikazi. Uyabona njengoba siphikisana nje simosha isikhathi ekufanele ngabe ngisisebenzisa ukusiza indodakazi yakho!”

USibiya no MaKhumalo bahlala echopheni lebhentshi. Akuhlaleki ndawonye ngoba bayatatazela. Balokhu besukuma beyaluyaluza ndawonye.

“Baba, uma ucabanga uzophila?” kubuza uMaKhumalo ngezwi eligcwele usizi.

“Uzophila umntwana. Musa ukucabanga kakhulu,” kusho uSibiya emduduza.

“Angeke kwikwazi ukulahlekelwa ingane mina!”

USibiya usondela kuyena, amubambe amange. Ubheke e-casualty ward njengoba ebambe umkakhe. Umzimba wakhe uyaqina uma ebona kuqhamuka udokotela. Uhlebela uMaKhumalo athi, “Nangu udokotela.”

“Injani ingane yami, Dokotela?” kubuza uMaKhumalo.

“Ngenhlanhla sikwazile ukudonsa amaphilisi lawa abegcwele esiswini. Ngakho uzophila umntwana. Kodwa sizodinga ukulokhu simbhekile namhlanje futhi udinga nokuphumula. Uma ekhombisa ukululama namhlanje nizokwazi ukuhamba naye kusasa,” kusho udokotela.

“Ngiyabonga Mdali! Singakwazi ukumbona?” kubuza uMaKhumalo.

“Okwamanje ulele, akadingi ukuphazanyiswa. Ningambona imizuzu embalwa.”

UMaKhumalo no Sibiya babuka uLungile elele, bayabonga ukuthi uyaphila.

*****

Kunezigobhe nomunyu emehlweni kaLungile njengoba imoto kayise iqonde ekhaya ngakusasa. Lesi sifo simukhahlazile, usenciphile selokhu waqala ukugula ezinyangeni eziyisithupha ezedlule. Ngendlela azace ngayo kubukeka sengathi kukhona okuthile okumudla ngaphakathi.

UMaKhumalo uyakuthokozela ukusinda kwendodakazi yakhe kodwa lokho kuthokoza kuphenduka kube intukuthelo njengoba imoto ima egcekeni. Kuba ukuvalwa kwesicabha sasendlini, kusuke amaphepha.

“Ngempela ngempela ikuphi inkinga yakho, Lungile!? Ikuphi inkinga? Angiyazi mina lemihlola ongigilela yona. I-depression yani yona le? Usuyahlanya yini? Usungaze uzame ukuzibulala pho? Uyingane engakwazi ukubonga. Usenyuvesi ngikhuluma nje ufundiswa yithi. Sikhipha izimali ezishisiwe la ekhaya ngawe. Wena usibonga kanjena? Yini le ozibulalela yona? Unempilo enhle, ehalisayo. Baningi abantu abafisa ukuba la ukhona wena. Kodwa wena ufuna ukuzibulala!” uMaKhumalo uthetha agcine ehefuzela.

“Ngi … Ngiyaxolisa, Mama,” kuxolisa uLungile.

“Yini, waliwe isoka lakho? Uyithathaphi lengqondo yokuzibulala. Waze wasiphoxa mntanami!”

“Pheza phela, nkosikazi. Kusasa sizovuka ngovivi siye kumuntu ezokukhipha lento yakho,” kusho uSibiya.

“Kodwa, Baba, mina ngifuna ukubona i-psychiatrist! Iyona ezongisiza nge-depression.

“Akukho dokotela wezinhlanya oya kuyena. Wena nje bakufake izizwe qha. Usheshe ulale ngoba sizovuka kusempondo zankomo.”

“Kodwa, Ba-”

“Thula! Ngingathi ngiyalibeka nawe uyalibeka!” kuthetha uSibiya.

 ***

Sitshele umbono wakho: Ucabangani ngokushiwo uMaKhumalo uma echaza ukuzama ukuzibulala kukaLungile ngokuthi ‘waze wasiphoxa’?