ULungile uphuma emotweni ye-Uber. Uma isikhashana, akhokhe umoya. Kwakhona ukuphuma nje endlini agcine ekwazile ukufika lapha edolobhebi laseThekwini kudinge ukuba abe nesibindi. Ubuka abantu bezihambela nje edolobheni afise naye ukuba nokuzethemba, nenjabulo kanye nokuphokophela abanakho.

Ukhokha umoya, aziqinise, asondele esicabheni sase-Devours Eats. Ulunguza ngaphakathi esicabheni sengilazi. Nangempela uMenzi ukhona ngaphakathi kulendawo, uhleli etafuleni lakhe alithandayo elisekhoneni. Inhliziyo kaLungile ishaya ngamandla uma ebona isoka lakhe lilihle, ligqoke kahle.

Amakha esiqholo sikaMenzi amlanda ele kude uLungile. Iyazithanda lensizwa. Ungafunga ukuthi ayihlalwa ngisho impukane.

“Sawubona, sthandwa sami,” kubingelela uLungile emamatheka.

“Yebo,” kuphendula uMenzi egqolozele i-menu yezibiliboco ezidayiswayo kulendawo.

“Hawu, Menzi, wangakujabulela nje ukungibona? Usuhluleka nokungibuka?”

UMenzi ubhaklaza i-menu etafuleni. Amehlo abuka ngawo uLungile awanalo noluncane uthando. “Lungile, ngicela ungitshele iqiniso. Kungcono ungitshele ngife kube kanye.”

“Ukhuluma ngani, sthandwa sami?”

Unikina ikhanda uMenzi. “Sekukhona omunye yini Lungile? Usunesoka elisha yini?”

“Cha, Menzi! Akunjalo.”
“Pho yini ndaba ungenaso isikhathi sami? Yini futhi ungalubambi ucingo uma ngifona?” ubuza embheke uLungile ngqo ngamehlo agcwele ukudideka nokukhathazeka.

“Kuningi engibhekene nakho, Menzi. Kuningi . . . Angazi ngizo …”

“Pho kungani ungangitsheli ngalezinto eziningi obhekene nazo ukuze sizixazulule sobabili? Yini uhluleke ukungitshela ukuthi kwenzekani?”

“Akulula kanjalo,” kusho uLungile, esula izinyembezi.

Amangale manje uMenzi. “Ukhalelani, Lungile? Angazi ngempela kwenziwa yini ukhaliswe yilokhu engikubuza khona. Ukhalelani?”

“Angeke ngikwazi ukukutshela. Angazi ngizothini. Angazi ngizoqala kanjani.” Usho lokhu maqede asukume athathe isikhwama sakhe uLungile.

Uhluleka nokubuka uMenzi emehlweni njengoba esukuma ephuma ngejubane. Ushiya uMenzi ephithanelwe ikhanda, ezibuza eziphendula ukuthi kwenzakalani. UMenzi ucabanga ukuthi noma kanjani uLungile uzobuya ezochaza ukuthi kwenzakalani.

Kuthi uma efika ngaphandle, aqhubeke nokubaleka uLungile. Ugcina emile, athathe i-Uber ebheke ekhaya. UMenzi uphuma e-Devours Eats emuva kwemizuzu embalwa. Uqalaza ngapha nangapha emgwaqeni. Lutho ukubona uLungile. Umzama efonini kodwa athole ukuthi uyivalile ifoni.

ULungile wakha icebo njengoba imoto iphuma edolobheni ingena emgwaqeni oqonde eNanda. Uzofika ekhaya agwinye wonke amaphilisi okulala anawo. Uthemba ukuthi uma egwinya amaningi ngokwanele azowenza umsebenzi afisa ukuba awenze. Umsebenzi wokuthi ambulale ukuze aphume osizini lwe-depression. Ayikho into ayifisa njengentokomalo yombhede wakhe, kanye nokuthula kwegumbi lakhe.

Kanti akabuzanga elangeni. Ungena endlini afice izayoni zasesontweni likaMaKhumalo zigcwele indlu. Ibandla liphume lonke. Uzizwa ephelelwa umoya. Nenhliziyo uyizwa sengathi icwila emafutheni.

Uyazi ukuthi nguMaKhumalo obabizile omama besonto. Uyaqhaqhazela manje uLungile ngoba omama basezayoni basebenzisa izinduku kanye nezitembu emhlane uma bekhipha umuntu amadimoni.

Uzithola ephakathi kwesikokela uLungile, uzungezwe yibo omama besonto. Isho induku kanye nezitembu emhlane wakhe. Abanye bayacula. Abanye bayathandaza. Abanye bamujoja ngezinduku, bethi bamkhipha amadimoni.

“Phuma sathane awunayo indawo kulo mzimba ngoka Thixo,” kuthandaza Umfundisikazi Cele.

Ukhala kuze kushe izwi uLungile. Imivimbo insonsotha umzimba wonke. Ngesikade, ahambe amakholwa. Ulokhu ekhalile noma esehambile amakholwa.

“Awuyeke ukutetema wena, Lungile! Nazo ke amadimoni asephume andiza. Awuna-depression wena,” kusho uMaKhumalo ehleka kancane, efunda ibhayibheli.

Akaphenduli uLungile ngenxa yezinhlungu akuzo. Akuvumi nokuthi akhulume.

***

Sitshele umbono wakho: Ucabanga ukuthi amadimoni ayinto ekhona? Ucabanga ukuthi lokhu kwelapha okwenziwe ngamakholwa kusebenzile? Ngabe kuyasebenza ngezinye izikhathi?