ULungile uhlezi phambi kwesibuko, isikhwama sakhe se-makeup sivuliwe. Uyazibuka esibukweni. Ufuna ukufika emuhle esokeni lakhe, uMenzi. Uyayibuka i-foundation, i-eye shadow kanye ne-lipstick, kodwa i-depression iphezulu kulezi zinsuku. Uma iphezulu i-depression kunzima ngisho nokufaka i-makeup. Ugcina egcoba i-lip gloss kuphela.

ULungile wathandana noMenzi besafunda uGrade 11 esikoleni. Wavele wazizwa ekhululekile nje uma eseduzane kukaMenzi, ngesikhathi beqala ukubonana, eminyakeni emihlanu eyedlule. Nakhu ngoba bafunda enyuvesi eyodwa. UMenzi yena ufundela ukuba ngunjiniyela kanti uLungile yena ufundela ukuba nguthisha.

Uthando lwabo seluqala ukuxega manje njengoba uLungile ebhekene ne-depression. ULungile uhlezi ekhala, ezivalele egumbini lakhe lokulala. Kubo basuke becabanga ukuthi ulele kanti yena ucabanga amaqhinga angazibulala ngawo. UMenzi ucabanga ukuthi uLungile usenelinye isoka ngoba uke afone kodwa uLungile ayibuke nje ifoni, kungavumi nokuthi akhulume. Akazi ukuthi uLungile akayiphenduli ifoni ngoba akabi nawo amandla nomdlandla wokuphendula uma i-depression isiwubambe ngezidladla umqondo wakhe.

Ugqoke uyaconsa manje uLungile ulungele ukuhamba. Ufake ingubo yakhe ebomvu emubambayo. Ubukeka emuhle kodwa yena, engqondweni yakhe, akaziboni emuhle. Empeleni akafuni nokuzibuka esibukweni.

“Mama, ngiyohlangana nabangani bami basenyuvesi. Sihlele ukuzikhipha namuhla,” kusho uLungile eqamba amanga.

“Kulungile usheshe ubuye kodwa, angaze athethe uyihlo,” kusho uMaKhumalo eqhubeka ukugovusa ibhodwe lesitshulu.

Ufika esangweni acofoze ifoni, abize imoto ye-Uber ezomlanda. Uyama isikhashana ingakaqhamuki imoto, aze afonele umshayeli. Umshayeli athi ubambekile kodwa uzoqhamuka kungekudala. Njengoba emile amatekisi ashaya amahuthi ngapha nangapha.

“Wamuhle ntombazane!! Woza ngizokugibelisa mahhala!” kusho omunye umshayeli wetekisi.

“Uma ngingathola wena ngingayeka ngisho notshwala!” kumemeza omunye.

ULungile unikina ikhanda, akweqe amehlo. Uyadinwa lo mshayeli wetekisi uma uLungile ekhombisa ukungamunaki. “Sengathi lendoda oya kuyona ingakumithisa uzale amawele amambi!”

Kuthi uma ezwa lokhu kudelela komshayeli wetekisi ezwe ingqondo ingena ebumnyameni be-depression. Kodwa khona lapho ngokushesha omunye umshayeli wetekisi usho amazwi amjabulisayo kancane uLungile. “Angikaze ngibone intokazi enhle kanjena! Waze wamuhle ngane yomuntu! Umuhle sengathi ugeza ngobisi!”

Indawo yalana eNanda icika ngalento. Osomatekisi bakhona abasibheki isikethi. Futhi benjalo abadeleli baqhuba intwala ngewisa. Bahamba beshela wonke umgwaqo lona. Bathi beqamba befika edolobheni basuke sebeshele ngisho nohlanya. Uthe esacabanga kanjalo yaqhamuka imoto ye-Uber.

Ufika e- Devours Eats emuva kwemizuzu engamashumi amabili.

***

Sitshele umbono wakho: Uthini umbono wakho ngalokhu kweshela kosomatekisi? Ngabe kuyingozi noma kusuke kuzidlalelwa nje? Kungani uphendula ngendlela ophendule ngayo?