Nebala umndeni uhlangane. Bonke baxakekile njengoba behlala phansi ko-sofa. Kubona bonke izinhliziyo ziyalobiza, bafuna ukuzwa ukuthi uLungile ubaphatheleni.

Uyise, uSibiya, ushaya isikhwehlela. “Khuluma, Lungile. Asinalo usuku lonke. Sinezindlela ekufanele sizihambe.”

“Ngiyazi lento engizoyisho izonethusa kodwa nami sengihlulekile. Angazi kufanele ngenzeni,” ubeka ngesinono uLungile. Uzama ukuqhubeka kodwa amagama awaphimiseki.

“Khuluma bo, Lungile. Isho lokhu ofuna ukukusho, musa ukulokhu ugudla igquma,” kuhebeza uMaKhumalo.

“Nginesifo se … depression,” kusho uLungile.

“Hhe? Yini yona leyo, Lungile?” kubuza uMaKhumalo eshwaqa ebusweni, egoqa izandla.

Usephenye kanzulu ngesifo esimphethe uLungile. Ufunde kakhulu ku-Google mayelana ne-depression.

“I-dipression iyisifo sengqondo esenza ukuthi ube nomunyu. Sikwenza ungabi nawo umdlandla wokwenza lutho. Sithikameza imizwa, imicabango kanye nendlela oziphatha ngayo. Ngihlezi ngizizwa nginomzwangedwa. Ngihlezi ngikhathele. Senza ukuthi ukhathale ungabi nomdlandla wokuvuka ngisho ekuseni, sengathi ungahlezi ulele nje. Senza ukuthi ube nenhliziyo encane sengathi ungahlala wedwa, ungahlali nabantu. Ngizwa sengathi nginga … ngingazibulala,” kusho uLungile, kwehla izinyembezi ezihlathini.

“Isifo sobuvila ke leso!” kuthetha uMaKhumalo.

“Cha, isifo, Mama. Nami angizenzi, ngiyagula. Akubona ubuvila.”

“Selokhu ngaphuma esiswini sikaMama angikaze ngayizwa mina le mihlola ongitshela yona. Ubani nje owake wezwa kuthiwa unesifo esinjalo njengoba imizi yakhile lana endaweni? Musa ukudlala ngathi, Lungile. Wena uzama ukufihla ubuvila bakho nje,” kusho uMaKhumalo.

“Awukahle nkosikazi,” kusho uSibiya. Amehlo agcwele ukudideka njengoba ebuka uLungile. “Lungile, waqala nini ukuba nalesi … sifo?”

“Sekuphele izinyanga eziyisithupha, Baba.”

“Kazi mina yini mina singangiphathi lesi sifo esikuphethe?” kubuza uLihle.

Uzizwa eshaqeka futhi edideka uLungile uma ezwa lo mbuzo oqhamuka kuLihle. Aqhubeke akhulume uLihle, “Ngizokutshela ukuthi yini singangiphethe mina isifo esikuphethe. Ingoba mina ngiyathandaza. Wena udlala ukuba ivila nje. Ngiyasola futhi ukuthi unamadimoni.”

“Uqinisile wena thunjana wami. Ingoba sithi sigqoka siya esontweni yena abe elele. Kumele ngimeme omama bami bomkhuleko sithi ukukubeka izandla kuphele losathane okungenile,” kunezelela uMaKhumalo.

“Cha, cha cha,” kungenelela uSibiya. “Uthakathiwe lo. Udinga usizo lwesintu. Udinga inyanga ezomgqumisa imvalele ebhodweni kuphume isilwane abamubelethise ngaso.”

“Ngidinga ukubona udokotela wengqondo, i-psychiatrist. Iyona kuphela engangisiza kulenkinga engibhekene nayo.”

“Udokotela wengqondo! Usuyahlanya yini? Uze ubone odokotela bezinhlanya usuphambanelwa yikhanda yini? Imihlola yami!” kubhavumula uSibiya enikina ikhanda, esula umjuluko esiphongweni.

“Cha, Baba, ngidinga usizo lodokotela abaqeqeshelwe ukwelapha lesi sifo esingiphethe.”

“Angeke ukubone lokho. Akukho ngane yami ezohamba odokotela bezinhlanya. Akukho ngane yami ezoxilongwa odokotela babelungu. Mina ngizoyilungisa lento ngendlela yami. Uyangizwa?” ulaka lukaSibiya lunkeneneza igumbi lonke.

Uvele umudle kakhulu kunakuqala umunyu uLungile. Uvele athule ngoba uzizwa sengathi uyigobhozi elingenalutho ngaphakathi.

“Uyangizwa, Lungile?”

“Yebo, Baba,” kusho uLungile ngesizotha.

“Nomkhuleko uyadingeka, Baba. Amadimoni adlala ngaye lo,” kusho uMaKhumalo eshingizela eyoqhubeka nezitsha zakhe ekhishini.

***

Sitshele umbono wakho: Yini obona ukuthi imukhathaze ngaphezulu kwakho konke uyise kaLungile, uSibiya?