Ngisawezwa namanje lawa mazwi engihlaba kabuhlungu enhliziyweni. Ngiyawezwa engibulalela amaphupho ami.

Uma ngifika ewodini alele kulo uSbusiso ngithola umhlengikazi osekhulile ngeminyaka. Ulokhu ephenya amaphepha athile aphambi kwakhe, uyawabukisisa.

Nginikela kuye ngilubeke udaba engize ngalo. “Ngizobona uSbusiso Zwane. Ngingunkosikazi wakhe. Usesimweni esinjani?”

Ngiyawubuza khona lombuzo kepha ngiyayesaba impendulo okungenzeka ngiyithole. Ngiyezwa ngaphakathi kumina ukuthi umaqondana wami usenkingeni enkulu. Umhlengikazi engikhuluma naye uvele angihlahlele amehlo. Ubuso bakhe bubhalwe ukuxakeka. Ngivele ngizwe sengathi uyankwankwaza uma ethi uyaphendula.

Ngizame futhi. “Mhlengikazi, kanti kwenzekeni ngempela kumyeni wami?”
Sengikhuluma ngezwi eliqinile manje ngoba ngixakwa yilokhu engikubona kwenzeka phambi kwami.

Aziqoqe umhlengikazi. Uphendula ngezwi elinozwelo kodwa elinokungabaza athi, “U … u … umyeni wakho ubandakanyeke engozini yemoto maphakathi neTheku. Ngiyaxolisa kubi kakhulu kodwa i … izihlobo zakhe zisengaphakathi zizombona. Ngizocela ukuthi ulinde kancane ziphume.”

Awuyazi wena imibuzo egcwele engqondweni yami uma ngizwa lento engiyitshelwa yilo mhlengikazi. USbusiso ulimale eThekwini? USbusiso ubefunani eThekwini njengoba bekufanele ngabe useGoli namhlanje? Izihlobo zakhe zona lezi akhuluma ngazo lo mhlengikazi eziqhamuka kuphi?

Ngaphambi kokuthi ngimfake eminye imibuzo umhlengikazi ngizwa owesifazane esho ngengila eqandula kakhulu. Uyakhala bo lomuntu. Ukhala umntanomuntu kuze kube sengathi kudabuka ezibilini kumina. Uvele asuke ngejubane umhlengikazi angabe esasho lutho kimi. Ngicabanga ukuthi ukuphambanelwa yingqondo okungenza ngilandele umhlengikazi ngejubane ngoba ngizibona sengisezithendeni zakhe silibangise kuleli gumbi lapho kukhona owesifazane olilayo.

Uma singena sigulukudela phakathi sifica owesifazane ozilahle phansi, uthwele izandla ekhanda usho ubumayemaye. Eduze kombhede kukhona intokazi nensizwa. Bobabili basebancane uma ngingaqagela ngingathi balingana nabantwana abafunda ezikoleni zemfundo ephakeme. Babambene bathe ngqi, intombazane ilokhu ibheka embhedeni iphinde ifihle ubuso bayo esifubeni somfana. Uma amehlo ami ehlala ebusweni bomfana kuthi heqe uvalo.

Kuthi lapho ngisakhamisile, ngimubukisisa lo mfana, ngimuzwe ekhuluma ethi, “Ngiyaxolisa mama. Usethule ubaba.”

Usho lokhu ubhekise kulona wesifazane osazigingqa lapha phansi. Umqondo wami kuba sengathi uthatha kancane. Cha, ngididekile ngempela.

Izwi likadokotela ongene nginganakile lidabula imicabango yami. “Ngicela niphume ngokushesha! Phumani!” kusho udokotela.

***