Owesifazane uphila impilo ephezulu nomnyeni wakhe oshayela amabhanoyi, uSbusiso Zwane. Sebeshade iminyaka eyishumi noSbusiso. Uthola ucingo oluphuthumayo olumtshela ukuthi uSbusiso ulimale kakhulu engozini yemoto. Uphuthuma esibhedlela, athole okuthile abengakwazi ngoSbusiso okuzoguqula impilo yakhe ngendlela abekade engakaze ayicabange.