Kuyima amehlo ami ehlala kulo muntu osembhedeni oxhunywe amapayipi. Inhliziyo yami ebikade ishaya ngamandla ngiyizwa ifiphala kungathi izovele icime nya, ikhanda lizule. Uyena uSbusiso nje lo olele lapha. Noma ubuso bakhe buvuvukele, namehlo evaleke ngci, kunepayipi eliphuma ngomlomo, kodwa angeke bungidide ubuso besithandwa sami. Ngingamubona noma yikuphi, noma kunjani uSbusiso. Ngivele ngimzibe udokotela.

“Sbusiso! Sbu!” ngisho ngimemeza kakhulu.

Ngithatha amagxathi ambalwa, ngifike eceleni kombhede wakhe. Ngizibona sengimdumela, ngizama ukumnyakazisa. Lutho isithandwa senhliziyo sami ukuphaphama. Ngiyabona khona ukuthi usethule ungonaphakade kodwa akuvumi ngikwamukele lokhu.

Ekugcineni odokotela nabahlengikazi bayasikhipha ewodini. Ngizithola ngimi ephaseji nabo labantu abahayizela uSbusiso wami. Namanje amehlo ami alokhu efuna ukunamathela ebusweni bakhe lo mfana. Kungabe yiso lesi isihlobo sikaSbusiso ebesishiwo ngumhlengikazi okade enkwankwaza? Ngibubukisise lobu buso. Cha akukhona ukufana kwabantu lokhu! Le nsizwa ifana ncamashi noSbusiso. Umqondo wami awumile manje, uyazulazula. Bamile nabo laba bantu, bangijamele ngamehlo abomvu tebhu.

“Ngicela ukwazi ukuthi ungubani wena ngempela? Umazelaphi umyeni wami?” kubuza lo muntu wesifazane okade ekhala ewodini.

Ngizwe sengathi umhlaba uyazamazama. Ngibone ukuthi uma ngingahlali phansi ngizozithola sengishayeka phansi. Ngithi dekle ebhentshini. Angiwukholwa lo mbuzo engiwubuzwayo.

“Umyeni wakho? Usho ukuthini uma uthi umyeni wakho? Mina nginguNtombi Zwane, uSbusiso ungumyeni wami,” ngikhuluma ngesankahlu manje.

Nayi ingulube inginonela! Ibhadi lini lona leli? Kungathi ngishonelwa indoda njengamanje kube khona nalu nohlanya lomuntu wesifazane lingimpompela? Pho lezi zingane zithuleleni? Athi ukusondela kimi lomame, ngiswele indawo yokuqhela.

Mgimuzwa ethi, “Umyeni wakho? Lalela la, wentombazane, sekuphele iminyaka engaphezu kwamashumi amabili nanhlanu ngagana kwaZwane. Uma ungakholwa ungafonela abazali bakhe uSbu. Noma ubuze zona izingane zakhe nami lezi ezimi phambi kwakho.”

Ubuso balo mfana amkhombayo yibo engibubonayo ngenkathi ngisukuma ebhentshini ngiyobhaklazeka phansi. Umcabango wami wokugcina ngaphambi kokuthi yonke into ifiphale uthi, “Lobu buso balo mfana bufana ncamashi nobukaSbusiso umyeni wami.”

***