โ€œQina ntombazane,โ€ ngisho lokhu nje ngizibuka esibukweni.

Abanye abantu bangangibuka ngamehlo anokungehlulela njengoba ngimi phambi kwesibuko nje ngizilungisa ngokucophelela. Ngiyabhekisisa ukuthi ubuso bami ngibugcobe kahle yini. Izindebe, amashiya kanye nezinkophe kuyangingculisa. Izinwele kanye nezingubo engizigqokile zibonwa yinoma wubani ukuthi ezigqokwa omntakabani. Angeke ngixolise futhi ngalokho ngoba ngisebenza kanzima imihla namalanga. Kodwa angingaphosisi ngithi ngizithengela mina lezi zinto eziwubukhazikhazi. Cha, umdali wangibusisa ngomyeni oqotho ongithandayo, uSbusiso Zwane, okunguyena onginakekelayo.

Sesineminyaka ecishe ifike kweyishumi sashada noSbusiso kodwa uthando lwethu lusavutha bhe. Buka nje ngempelasonto le edlule ungimangaze ngokungithatha angiyise endaweni yokuphola le eKapa. Sihlale impelasonto yonke sijamele amagagasi. Bekuthi uma sesikhathele ukujamela ulwandle besivele sigqolozelane kuhle kwezithandani ezisafunda isikole. Akukho obekusiphazamisa ngoba abantwana bethu uLihle kanye noSiyanda besibashiye nabazali bami. Bekuyimi nomyeni wami kanye nolwandle obelundlaleke phambi kwethu. Isifuba sami besivele sifudumale kamnandi uma ngimubuka ngoba ngiyazi ukuthi mina nabantwana bethu siyikho konke kuSbusiso. Nakhu phela walahlekelwa abazali bakhe eseyibhobhodlana lomfana kanti futhi wabe enguzinyobulala wabo.

Ngimi phambi kwesibuko nje uyazibuza ukuthi ngilibhekise kuphi. Ngimi phambi kwesibuko ngoba ngithole izindaba ezishaqise umzimba wami namuhla ekuseni. Ngisho noma sengilubekile phansi ucingo kodwa inhliziyo yami isagubhazela. Kunokuqhaqhazela okukhona lapha esandleni lesi esimatasatasa silungisa amashiya kodwa uma ungibheka angeke ukubone lokhu. Ngiyaziqinisa ngenzela ukungabethusi abantwana bami.

Ngithola lolu cingo nje bengijabule ngilindele ukuthi uSbusiso uzobuya ekhaya kusasa sibe umndeni ophelele futhi. Bengizilungisele ukwenza ukukhuculula indlu namhlanje bese ngivuke ekuseni kakhulu kusasa ngipheke izibiliboco azifela ngazo uSbusiso. Phela njengoba engumshayeli wamabhanoyi nje uke ahambe lapha ekhaya kuze kucishe kuphele amasonto amabili wonke singamfanisi nangokhalo. Kanti ke nokumfonela akubi lula. Cha unzima wona lomsebenzi owenziwa umyeni wami kepha ngiyazi ukuthi usebenza kanzima nje ngoba enzela thina singumndeni wakhe. Mina ukuhamba kwakhe ngingamboni amasonto amabili kuyinto esengiyijwayele ngoba wayevele esebenza wona lomsebenzi siqala ukujola. USbusiso uwukhonzile impela umsebenzi wakhe.

Libuye ngamandla engqondweni yami izwi lowesifazane obekade ekhuluma ocingweni. โ€œSithole inombolo yakho kumakhalekhukhwini wakhe uMnumzane Sbusiso Zwane. Ulimele kabi. Sicela ufike la esibhedlela ngokushesha!โ€

***