Yimi loyo ngisho lamazwi,
Ngidlubulendela konogada ebabezama ukungibamba,
Ngokusho lwamazwi udokotela wavele
Wabona ukuthi ngihlanya ngampela
Wathi susani loluhlanya lana phambi kwami.

Zavele zehla izinyembezi kimi
Ngibuka impilo yami ishabalala
Yeka Amandla ami ngingalali
Ngifundela umatikuletsheni
Ngaphasa kahle ngathola umufundaze ngaya enyuvesi
Ubaba wajabula nakhu sengizoba uthisha.

Kulezizinsuku nginozwangedwa
Nami angazi yini kodwa kuthi angizibulale
Angazi noma ngiyahlanya noma ngithakathiwe
Ngizamile ukubatshela ekhaya kodwa
Angazi noma bangizwile.

Sekusele kancane bangivalele endaweni yabagula ngekhanda,
Ngoba bathi umuntu uma efuna ukuzibulala usuke ehlanya
Yonke into ihamba kahle kodwa nginomunyu injabulo angisayazi,
Emhlabeni ngizamile
Kusho khona nje ukuthi akulunganga
Usale kahle mhlaba nezinto zakho,
Kuyacaca eyami indlela iphela la,
Endaweni yabagula ngekhanda ngiyophuma ngebhokisi,
Akekho umunto oqonda isimo sami
Kwabona odokotela angithembi ukuthi bayaqondisisa,
Izangoma zona zivele zingitshele izinkithinkithi
Zomsamo wakithi ongageziwe,
‘Unesinyama umkhulu wakho uhlezi kuwe’
Manje umkhulu wami ufunani kimina ngoba sewashona?
Ngavele ngaphelelwa uthando nethemba,
Ilapho ngabona khona ukuthi impilo yami ayisoze
Ibuyele esimeni.

Umangithi ngiguqaphansi ngiyathandaza
Avele aphele ngisho amazwi
Zehle kakhulu izinyembezi
Kuvele kube sengathi uNkulunkulu akangizwa,
Ngiyazama ukuqoqa impilo yami
Kodwa iyangidla lento engaphakathi
Ngivele ngiphatheke kabi esithubeni nje,
Odokotela bathi isifo somzwangedwa nokukhathazeka,
Izangoma zithi ngithakathiwe,

Uphelile unyaka ngehla ngenyuka ngifuna usizo
Kodwa konke nje engikwenzile akungisizanga
Ngizame ngakho konke emandleni,
Kwajika kwafana nje,
Ngiyathemba ukuthi ujesu ukhona futhi uzongisiza,
Ngelinye ilanga injabulo izobuya kimi