Ekukhuleni kwami bekungathi nganyiwa yinyoni
Okanye kangizalwanga ngaqhum’ etsheni
Ngoba mina ngenzeni kubani?
Ukuze ngizophila ngaloluhlob’ emhlabeni

Ngangingekho ebusheni buka mama nobaba
Kodwa namhlanje lokho sekungenza ngiphile ngokwesaba
Nezingxabano zabo kangazi zasuka kanjani
Kangazi nokuba bexabane babebangani
Angiyazi nembangela yokushona kuka mama wami

Umama wahamb’ emhlabeni ngingakamazi
Nothando lwakhe kangilwazi
Kodwa namuhla konke lokho kuyangithungatha
Emoyeni wami kungephul’ amalung’ onk’ omzimba kuyangikhungatha
Yebo buhlungu ngiyavuma manje ngiyakwembatha

Ubaba wami ukude nami
Ngihlala nezihlobo kanginamngani
Kulomndeni kangazi sinogogo sabangani
Ngoba njalo ngephuth’ elincane ungishaya nganoma yingani
Ungishaya noma yikuph’ emzimben’ angacabangi
Nokuthi ngingalimala noma angishaye kabi ngisangane
Ngishaywa ngibe ngilandelwa ngayiziswan’ amagama
Athi uyihlo kube akayilalanga ingane kasisi ngab’ isaphila
Ngakho wen’ uzosikhokha lesi sibhongo
Angisiyen’ owakini mina ngizokubhukuza
Athi eqamb’ eshiwo lamazwi mina ngisuke ngibhulwa
Ngingemlilo noma amathambo ezangoma mhlampe ngiyakhula

Empilweni yami kangiyaz’ injabulo
Njalo ngilala ngibanjwe ngezenduk’ izidubulo
Ngibuye ngizibuze ukuth’ uma kunjena
Kungan’ umam’ engavelanga wangihushula
Ngoba manje mina ngijeziselw’ izon’ engingazazi
Empeleni ngifel’ izono zikababa