Laze langivukel’ idlozi lami
Sengisho bona okhokho nomkhulu
Banguduza ngolukhulu ulaka kwashaya nocobho
Nonembeza ekujuleni
Enhliziyweni yami ngaphaphama ezinzulwini zobusuku
Ngisezintabeni ngingazi ngibekwe ubani
Sengilahliwe ngingu mtshingo obethe umhlaba
Ukukhanya nobumnadi angisabazi
Ngisho ngikhala ngishweleza emathunen’ obaba lisabizwa elam

O hhe
Sengabizwa ngam’ gama ngizondwa liphuma
Ngizondwe liyoshona
Okwelanga sekwafana nesitha sami
Nina bantu abadala
BoMkhulu noKhokho
Nina bantu bomnontho nokukhanya
Ngiyabiza ngiyani shweleza
Vusani amakhanda abheke ngakim kunzima

Mangithi ngibika udaba lami kumuntu wesifazane
Kushaqa ulimi lugcwale umlomo
Ngimumatha ubala ngazi noma inkinga ikimi
Noma yinina bokhokho eningavumi
Uma ngihlehla nivuka ngolaka
Noma ngithi ngidla amathambo engqondo niyala

O hhe
Nina bantu base nhlabathini
Neneme yin ukungibona ngizigwaza ngowami
Niyajabula mangiy’ ntandane kanje okwami okwezandla
Vusani amakhanda nibheke ngakim’
Thokoza