Inhliziyo yami ikhala ithuthumela
Ngokuba ngiyazi ukuthi uyeza umnqamula juqu
Luyeza usuku olukhulu usuku lokufa
Ngokuba uyakuphuma lapha
Kulomzimba wami bese uthola
Umzimba umusha
Umzimba ozelwe kabusha

Moya wami uyakuphuma nengqondo yami
Iyohamba nakho konke ukwazi kwami
Bonke engibaziyo nengibathandayo bayophenduka izihambi
Mhla bezwa umshophi wokuhamba kwami emhlabeni
Bayokhala baze bazithulise ngoba
Ngiyakubabuka njengeziwula
Amagama abo nobuzwe babo buyobe sebungilahlekele

Ngokuba okomhlaba kuyosala kwamhlaba
Moya wami uyakuphuma uwufulathele lomzimba wakho
Lomzimba obuwamukelile unezici wawuthanda wawunakekela
Uwulwelile lomzimba noma bekuhleka
Wawulwela ukuba uhlonipheke ube nesizotha

Mphefumulo wami uyakuphuma uhambe ujubalale
Ujubalale uhambe amagquma nezintabakazi
Uyakuhamba ungabheki emuva ngoba olwakho uhambo
Nomhlaba luyobe seluguqile
Uyakuphuma umzimba ufahlake usale ungenampilo
Uyoqala kancane kancane ubole uphuhluke bese uyanuka
Njengesihlahla uma sisha amaqabunga nawo
Ayasha aqathake
Ngoba lapho umoya ungekho ayikho impilo

Mhla uhamba kulomzimba uyakufiphazeka
Ngakho konke okwakamhlaba
Uyofulathela lowo muzi kanokusho, imoto kanye ne nkece
Uyoshiya umndeni wakho emanzini
Uphume uye kumdali wezinto zonke

Moya wami ngiyakucela uma usuhamba ungawushiyi
Umzimba wami ukhathele ukhahlazekile
Angifuni izintuthwane ziwufice usulungele ukubola
Kumele zidle izithukuthuku zazo
Ngakho kuyomele zingidle kancane kancane
Zingigqobhoze kancane kancane
Zingihlephule kancane kancane
Zinginwephule kancane kancane
Ngoba ayikho into etholakala bhusende

Ngokuba mina ubuhlungu benyama
Ngiyobe ngingasabuzwa
Inkosi nomsindisi iyakungamukela
UThixo uyakungamukela ngokuba
Ekuphileni kwami ngiphile ngendlela yeqiniso
Ngokuba ilizwi lakhe ngiligcine enhliziyweni yami
Ngokuba amazwi ami abesezindebeni zami lapho
Ngivula umlomo

Ugcobo lwakhe belusezithendeni zami lapho nginyathela
Ukusindiswa kusemathanjeni ami lapho igazi litshuka emzimbeni wami
Ngokuba ukholo lwami beluqinile ngisho emaphusheni ami
Bengimbiza enhluphekweni asabele ngoba
Ububi bobumnyama ngakufulathela ngaguquka

Moya wami ungakhali ungasokoli
Ngokuba uma uphuma uJesu uyakumbona
Zonke izithembiso zakhe azibhala ebhayibhelini uyakuzifeza
Ngokuba umbuso wakhe uyakuwubona
Ngokuba inkazimulo yakhe uyakuyibona
Ngiyoguqa phambi kwakhe ngithi ‘Uyinkosi nomsindisi’

Mphefumulo wami ukufa ungakwesabi
Kepha usabe ukuphila
Ngoba ukuphila yikho okushoyo ukuthi uyaphi uma ushona
Ngakho musa ukuzikhathaza ngento ongayazi
Zikhathaze ngento oyaziyo

Moya wami awunamandla phezu kokufa
Kepha unawo phezu kwempilo
Mphefumulo wami khuza ingqondo
Kanye nomzimba lapho uphambuka
Mphefumulo wami baleka ngazo zombili esonweni
Ngokuba isono singukufa
Mphefumulo wami funda incwadi engcwele ngokuba ingukuphila

Mphefumulo wami mhla uhlwitha umzimba ukuphila
Ngicela ube nesineke ngoba lomzimba kade ubekezela
Ubekezele kwisichotho esikhulu
Esigcwalise imifula namadamu
Wabekezela lishisa likhipha umkhovu etsheni
Wabekezela libafazi badube inyama kodwa woma ufuna uzamcolo
Wabekezela wehla wenyuka emagqumeni ungundingasithebeni
Wabekezela ukhishwe inyumbazane ungafunwa muntu
Umndeni uwufulathela uwukhwifa ngamathe

Lomzimba uyinsika yalempilo
Lomzimba ulwile nesitha esikhulu imizwa yothando nenkanuko
Walwa waze waphuka ingalo
Nalapho akufikanga muntu ukuzowuphephetha
Isilonda saze sazivalekela sona
Wafika umhlaba waphinde wajoja esilondeni savuka sabhibha
Sashoshozela savuza igazi co co co

Ngazama ukuya kodokotela
Kepha bangisongela izandla
Ngaya kubalaphi bomdabu bavele bathi
Kunefu elimnyama ababoni lutho
Lomzimba uyisihlahla esimile ngasemfuleni
Lapho amanzi ehlale egobhoza
Ngokuba lomzimba uphuza emfuleni omkhulu
Emfuleni wokuphila kwaphakade
Umfula wasezulwini

Ngakho mphefumulo wami mhla uhamba
Ungahambi ngodlame ube nesinono
Isinono sekati
Ngokuba unkulunkulu uyasifundisa ukuthi
Singabacindezeli abampofu
Ngokuba ngimpofu emphakathini kodwa ngaphakathi ngicebile
Ngiyisicebi sasezulwini

Mphefumulo wami mhla uhamba uhambe kahle
Ukhonzele umzimba omdala kumzimba omusha
Moya wami ungawukhaleli lomzimba
Ngokuba uyakubola udliwe izintuthwane
Uyakuphinda lapho wavela khona enhlabathini
Moya ndlelanhle