Uhlale nami phakathi namabili lapho
Ngiguquka ebuthongweni engingazi noma
Ngiyobuye ngivuke na
Uhlale nami ezimpambanweni zobusuku
Lapho kunqamula imimoya yobubi nobumyama
Uhlale nami lapho ngiklinyeka emaphusheni amabi
Uhlale nami lapho sekusa kusempondo zankomo

Uhlale nami lapho ngivula amehlo
Ngibingelela ukusa
Uhlale nami lapho ngicabanga umcabango wami
Wokuqala wosuku
Uhlale nami lapho ngihlela amaphupho ami
Uhlale nami lapho ngivuka ngihlubula ingubo
Ngivuka ngithabatha uhambo
Uhambo oluphokophele phambili

Uhlale nami lapho ngiphuma
Ngifulathela ikopi engilala kulo
Uhlale nami lapho ngilwa namadimoni ami
Uhlale nami lapho ngivula izindebe zami zomlomo
Hlaba engqondweni yami lapho ngicabanga
Hlaba emanyathelweni ami lapho ngisusa unyawo
Hlaba enhliziyweni yami lapho umuntu edinga usizo

Uhlale nami lapho ngipheshulwa yiziphetho
Uhlale nami lapho kugcwele imifula kungasaweleki
Uhlale nami lapho liduma lingqangqazela
Liduma likwebha liqeqebula
Uhlale nami lapho ngisemanzini ngizilile

Uhlale nami lapho ngiququdwa wumzwangedwa
Uhlale nami lapho ngihluleka ukuzithanda mina uqobo
Uhlale nami lapho ngihluphekile
Uhlale nami lapho ngihluthukile
Uhlale nami lapho ngineme ngijabule

Uhlale nami lapho abangani bengilahlile
Uhlale nami lapho isoka lami selimise iduku
Uhlale nami lapho umndeni ungifuhlela ezaleni
Uhlale nami lapho ingqondo yami iphenduka isitha sami
Uhlale nami ebubini nasebuhleni ukuze ube khona maselina
Selina kuthambe umhlabathi kuthi vembu izitshalo

Uhlale nami ngisalima
Uhlale nami sengifaka imbewu
Uhlale nami sengihlakula
Uhlale nami sengivuna engikutshalile
Uhlale nami ngesidlo sakusihlwa
Lapho sesidla izitshalo eziluhlaza cwe
Klamu klamu klawu yithi labo sihlafuna
Ukudla kwethu okunomsoco