Zula zula moya wami
Ngoba kawunandawo emhlabeni
Khalaza njalo nhliziyo yami
Ngoba kawuz’ ukuwubona umbuso wezulu
Nehlanze nedela mehlo ami
Ngoba bese niyimpophoma yezinyembezi
Nizama nokumdumisa obabazekay’ omkhulu
.

Kujabula izintaba nemimango
Ngoba bona banendawo emhlabeni
Bayajabul’ abakholwayo
Bona abayoke bawubone nombuso oyizulu
Mina sengasala sengiyisisulu ngalomzuzu
.

Nhliziyo yami ungidelisile
Ubudlova nokuba ngundlovu kayiphikiswa ukubonisile
Mhla ngangena egodini
Kuyobe okomhlaba sekufeziwe
Mhla ngilala kazi ngiyokuthola yini ukuthula
Ngoba phela bengikade ngala nokuthunywa
Namakholwa ehlulekile ukungethula
Lomthwalo osemahlombe
Osekuvele kwabonisa osekukhombe
Ukuthi sengiyongena nawo egodini
.
Ndodakazi yami uze ungihlawulele macala ami
Ngizamile kodwa akwenele
Uze ungithethelele kwengikonile
Ngiphambukile usukhulile ubonile
Kangiziqhenyi mntanami ngengikwenzile
Ngingumoni kwamhlaba
Sengibuyekile ubudlova nokuphatha isikhali bese kungikhungathile
Kwangonisa ngiyazithoba ngiyavuma ngimoshile
Khula ntombi yami ukuze ngithi ngiyongena kobandayo
Ngibe sengikunikile lolu thando
Lokufuna ukukwenzela konke nginguyihlo
.
Ungixolele mkami
Bese kufike sona iskhathi sami
Sokuba ngivakashele obaba mkhulu nami
Ngicabe indlela yami
Enezivuno zemisebenzi ebengiyenza kwamhlaba
Mhla ngimbozwa ngemihlanga
Kuyoba nguwe oyolanda lelo hlahla
Uze ukhumbule ukuthi umyeni wakho uyakuthanda
Ngicela ungibhekela abantwana bami bandla
Yize kuwena mama benginesandla
Ngicela ningixolele nami ukuze ngilale ngokuthula
Ngoba indlela yami imnyama idinga ikhuba
Ngoba ivalwe yilemikhuba
Ebengiyenza khona kwamhlaba
.
Amathemba ayewukela
Ngidukelwe nayisifaso sempilo yami
Esagcina siwukwe lana
Sengimangqikangqika ngidukelwe ngabakwethu
Kulendlela esiyihambayo eyisiphelo sethu
Manyamande ngikhanyiseleni
Nakhu kungikhungathile ubumnyama nasendleleni
Nakhu sengikhohlwa indlela ngikhumbuzeni