Izinto ziyenzeka othandweni lwababili
Izolo lokhu besixoxa kumnandi kunjeyana
Sizixoxela ngezakudala
Sobabili sibonisana ngek’sasa
Sifunga sigomela sithi asisoze sahlukana
And we’ll never allow anyone to get between us ngiyakutshela
But ungamangala uma ngingakutshela isimanga
Ukuthi konke lokhu besikuxoxa
Sekuvele kwashabalala kuhle kwamazolo ebona ilanga
Yingakho ngithi
Izinto Ziyenzeka othandweni lwababili

Namhlanje ngiyaxakeka uma kunguwena ozongikhalisa
Uma kunguwena ozongiphosa ngezinhlamba
Ziphuma zidedelana sengathi ngiyinja
Uyazi ngiyazibuza ngiyaziphendula ukuthi kanti ngenzeni engaka
Lena ongasoze wakwazi ukungixolela kuyona
Cha ngiyabuza ngempela ngoba ikhona lento ngiyakutshela
Uyazi baningi abantu engibaziyo abathandanayo abanezinkinga
Kepha lutho ukuhlukana ngoba bethandana
Bobabili bancamela ukuxolelana
Ukuze impilo izoqhubeka nabo bezojabula
Kodwa okwenzeka phakathi kwami nawe ngiyakuqala
Angikaze ngakubona nakunoma ubani kwenzeka ngiyafunga
Yingakho ngithi
Izinto ziyenzeka othandweni lwababili

Othandweni lwethu sobabili sasihlushwa iqiniso nokwethembana
Kwakuyikho inkinga
Namhlanje sihlukene ngenxa yazo lezinto
Ubungangethembi ngoba kuwena lokho bekunzima
Wena awukaze wangethemba mina
Ukhethe ukuthemba umuntu ongamazi
Wakutshela konke okubi ngami
Wangibheca ngobende inyama ngingayidlanga
Igama lami waliphendula umata wokusulela izicathulo
Lavele langcola ngomzuzwana
Kukho konke akushilo wena wakukholwa
Wahluleka nokungiphikela
Ube ungazi usuhlale nami izinyanga ezingaka kodwa wakholwa yena
Ngethuka uma sengizwa ukuthi usuyangala uyangilahla
Isizathu mina ngingasitholanga
Wena ungangichazelanga
Ungalela into engingayenzanga
Ngathi uma ngithi ngiyakuchazela
Lutho ukungilalela wena
Yingakho ngithi
Izinto ziyenzeka othandweni lwababili

Usuhambile
Ungishiyile
Inhliziyo yami uyiphihlizile
Ngoba nakhu ungalile
Yize wawungithembisile
Wathi uyongithanda ingonaphakade
Kepha ngathi isethembiso ususiphulile
Mina usungiphoxile
Ngoba bengikuthembile
Kodwa ngiyazi ukuthi ngizamile
Ngayo yonke indlela ukuthi ngiyakuthanda ngikubonisile
Yonke imizamo yami kuwena ngiyitshengisile
Kodwa yize kunjalo angikholwa ukuthi uyibonile
Noma abazali bami sebengikhuzile benginqabelile
Kepha kumina kuduma mina nawe ekhanda yingakho ngibazibile
Bengifuna ubone ukuthi ngiyakuthanda
Ngingakwenzela noma yini
Ngingahamba emalahleni avuthayo abomvu uma kudingeka
Ngingaziphonsa emanzini abandayo ngawe kuphela
Bengingakufela uma kufanele ngoba ngikuthanda ngokuphelele
Kodwa konke lokhu sekuvele kwashabalala kuhle kwamazolo ebona ilanga
Yingakho ngithi
Izinto ziyenzeka othandweni lwababili
Mntanomuntu bengikuthanda ngisakuthanda
Angisoze ngayeka ukukuthanda