Lapho ngikhona ngiyisimungulu anginagama
Mama kuyabanda ngiyagodola
Kunomswakama kuyanuka
Mama kanti wena unembeza awunawo yini?

Kunomngenela kuyanyantuka
Kuyaxhafuzela kunodaka
Kuyashona kunobhuku
Ngiyagwiliza udaka lungena ngamakhala

Uhambo lwami alunankanyiso
Ngilokhu ngizuzenga sigodi sinye
Ngehla ngenyuka ezintabeni
Ngidindwadindwa yizimvula
Ngipheshulwa yiziphephokazi
Kodwa mama ngoba ukhona uthuleleni?