Uyidwala ematsheni!
Uyimbokodo ngezenzo abafazi bephelele!
Awusoze wakhohlakala ngisho kungabhubha umhlaba
Enhliz’yweni yami hlala uzinze uze ucambalale
Ngisho isifuba sami sigubhazela ubobambelela

Uma izulu likhona akugeji wena uphakathi
Ugqok’ ezimhloph’ ezithe qhwa
Uzidlela isinkwa netiye’ elimnyama intandokazi yakho
Ngizobhala izincwadi ngempilo yakho qhawekazi lami
Ngizohaya izinkondlo ngothando nobubele bakho

Iziyalo zakho ziyaluza emqondweni wami
Ukwazi uNkulunkulu ngakuncela kuwe
Ngizobambelela emazwini akho
Size siphinde sibonane futhi

Uthando lwakho kimi alusoze lwakhothama,
Ukucabanga ngawe gogo akusoze kwanyamalala
Ukuphupha ngawe kuyigugu kimi
Uyohlezi ubusa lapha enhliziyweni yami!
Hamba kahle Ntomb’ endala!
Lala ngoxolo mama wesizwe sonke!
Lala uphumule MaMthethwa.
Amaloba akho awasoze acimeka!