Lendaba yaqala la
Iqaliswa ngamaqaba
Angazi lutho nami sengizitshela
Ukuthi ngazi konke
Kanti cha angazi lutho

Ngisafunda esikoleni
Ngisalandela uNomfundo
Impilo yami isaqhuba kahle
Afika amaqaba
Angafuni lutho ngoNomfundo
Angikhipha kuNomfundo
Ngoba nami nginguKhiphekeli
Ngamushiya phansi uMfundo

Ngaqala ngalova nasesilokeni
Sengiqamba namanga into
Ekade ngingasayenzi
Kwasuka lapho
Ngadla izinto ezingadliwa
Ngoba ngithi ngenzela abangani
Kanti sengiyozifaka ebumnyameni

Ngaqala manje
Ngabhanka nasesikoleni
Ngoba ngithi ngifuna
Ukuya ebumnandini
Kanti lobo bumnandi
Kuyophenduka ubuphara
Sengifeyila nasesikoleni
Ngoba ngase ngingenandaba
NoNomfundo.

Phela mina ngangingazi
Ukuthi laba
Engihlala nabo bangiphuca ikusasa
Lami elali leli ezandleni zami

Impilo yami
Ngase ngingayiboni
Iqhubekele phambili
Ngenxa yezidakwamizwa
Ukube ngangazi ukuthi
Ngiyozifaka ehlathini
Ngabe ngaqhubeka noMfundo
Ngabe angikho lapha

Noma senginjalo
Abazali bami
Abazange bangilahle
Bangamukela ngezandla ezifudumele
Noma umhlaba usungishayile ngashayeka nami
Sebengijikele nalaba engangihamba nabo

Impela nami ngangizitshela ukuthi
Ngazi konke, kanti cha angazi lutho
Empeleni indlela eya empumelweni akusiyona
Eyokwazi konke