Akukholakal’ ukuthi awusekho emhlaben’
Inhliziyo yami ikhala ezimathonsi,
Sisemanzini siyagwiliz’
Silalele iminjunju yobuhlungu.

Umlomo awuvaleki kodwa ngengqondo yakho
Umshwalense wakwa ‘Avbob’ uzosigcwabela.
Uphinde usinike izizumbulu zemali,
Ukufa kwakho ukuhlelelil’ themba lami.
Ngiyaziqheny’ ngawe.

Ithuna lakho ngizolichachambisa.
Ngifuna libe lihle, likakwe izimbal’ zikanokusho.
Ngifuna kube ikhaya lakho elisha.
Lapho ozophumula khona ngokuthula.
Ngifuna kube ikhaya elinemfudumalo nothando.

Yingakho iliba lakho ngifuna ukulihlobisa.
Ngifuna ube nomuzi omuhle.
Ngizotshal’ izihlahla eduze kwalo,
Ukuze’ uma ushiselw’ uphume uthamele umthunzi.
Ngizobe sengikumbela isihlahl’ samawolintshi.
Ukuze umunyung’ uma kubaba umlomo.