Ngith’ angilobe lenkondlo ngilobele wena
Ngith’ angigijimise usiba lungilandele umyalezo
Ngith’ awungikhulumele nabantu
Ngifisa ukushiya abantu nesifundo

Ngaphambi kokuphela kwempilo yami ngicela ningizwe
Ngizweni ngibuyisel’ ubuntu kubantu
Bekungesison’ isifiso sami ukuhamba kanjena
Bekungeson’ isifiso sam’ ukunishiya nezinhliziy’ ezibuhlungu

Ningakhali nijabul’ ukuze ngihambe kahle
Ubuhlungu nezinsizi ngikubonile kulomhlaba ngisaphila
Sengiyajabula sengiyohlala kwesokunene sikababa
Sengiyobon’ oSalume noShadrack eduze
Ngiyokhuluma noJudas ngibabuz’ ukuthi bamthengiselani uJesu

Ngaphambi kokuphela kwempilo yami ngicel’ ubumbano
Madoda ngicela ninciphis’ ukubulala abesimame
Madoda yibani nobuntu manje
Yekelan’ ukuba zinamunam’ ovukuvale int’ engazi lutho
Ayime manje madoda

Bosonkondlo ningilobel’ izinkondlo ngiyahamba
Ningisho sengathi niyangibona
Lokho kuyokwenz’ ukuthi ngivuke ngigiye

Kwengibonile ngicel’ uxolo noma ngingemoni
Ngiyazi nginihlukumezile ngempumelelo
Ngizonikhumbula ngenzondo yenu
Ukungizonda kwenu kush’ ukuthi ngiyaphumelela

Mndeni wami ngiyanithanda
Akusiyon’ inhloso yam’ ukunishiya kanjena
Bengifun’ ukunishiya nenjabulo
This is my last chapter
Ningakhali kodwa nijabule