Kungekho ukudla
Kungekho osebenzayo ekhaya
Kungekho isishebo
Ungekho nogesi wokukhanyisa
Wathatha igeja
Wathatha imbewu
Walima, walima, walima noma sebethi isilima
Ima ngisalima, walima, walima
Walima watshala ngokukholwa
Noma izilingo ziza njengezikhukhula
Walisiphula ukhula
Walima emile elima kwaze kwamila
Wavuna wathaba
Wadla wabonga
Isivuno esihle kangaka

Kade bemungabaza manje sebeyamubabaza
Umndeni wakhula
Umndeni waba nosomabhizinisi
Igeja liletha impilo
Igeja lixosha ikati eziko
Igeja liyisa izingane kwangqondo nkulu
Igeja libuyisa okwasekulahlekile namathemba
Igeja libuyisa ithemba nokuthemba
Wathi esesho eseshona wathatha igeja
Walinika omdala
Walibusisa igeja
Walisebenzisa lamusebenzisa walisebenzisa

Walinika izizizukulwane
Zahlobisa ngalo igeja
Zalamba nalo igeja
Zaqotshwa indlala nalo igeja
Zavela nakumabonakude negeja lavela
Usizi lodwa kubi konakela
Ukhula lokukhula alisephulwanga
Kuyikwamazibonele noma isibonelo singasavezwanga
Konakale emuva mhla imfundiso imbozwa imfundo
Kwasekuza izimfundiso zabamhlophe zavala okwethu
Sakubukela phansi
Sesiphansi

Saze saba phansi kade siphezulu njengezulu
Ubuvila buyasivala isibusiso
Igeja lihleli nesibusiso
Ubuvila buvimbe ukwamukelwa kwesibusiso
Ubuvila buyihlazo abaphansi nabaphezulu abangakufuni
Bukela entuthaneni vila ndini
Masisukume sakhe izwe lethu sisukume nasebuvileni
Vila sukuma uzakhele umnotho okade waphucwa wona suka ensimini yobuvila
Ubuvila abukhokhiseli kodwa buyakhokhisa
Buyakhohlisa noma kuhlotshisiwe kuyahlomekisa
Bunokwenza unethezeke uze nawe usinethekisa
Sinethwe imvula yensini kodwa indaba soyixoxa lishona
Sekudinga kuye okuya ngasethunjini
Ubuvila buyisela lempumelelo yakho
Ubuvila bukuntshontshele ubuwena wasala nabo
Walala wasala wabona sekukudala ukuthi usele
Ungabe usasala uzoba yiselesele ususele kontanga usele
Buyisela ukunotha kwakho vila sukuma sakhe izwe ndawonye