Zulu uyesabeka
Zulu uyingonyama
Zulu uyinkinga ezinkingeni
Zulu ubadide baze badidizela bazela
UZulu umuntu omnyama ngoba edla inyama
UZulu uyawazisa amasiko akhe
Mazibuyele ekhaya Zulu omuhle
Akekho onjengawe Zulu
Akekho onjengawe sihlabathi solwandle
Zulu unguye ovela emazulwini
Ingakho bekuzonda kangaka Zulu
Zulu ubusisiwe emaZulwini
Konke okwenzayo kuyophumelela
Imbewu oyoyiphosa emasimini iyothela izithelo ezinhle
Umhlaba wakho Zulu unothile futhi unokuthile
Amagquma namathafa akho Zulu mahle
Izwe lakho Zulu lihle
Izwe lakho eloju
Izwe lakho Zulu linamathuba amaningi
Osomathuba basalifuna lelithuba
Zulu khumbula izimpande zakho
Singabalimi
Singabafuyi
Singabazingeli
Singabadobi
Konke kuvela kuwe Zulu

Isikompilo lethu leli esesizinyeza ngalo Zulu
Siyakwazi ukwenza lezizinto Zulu
Sasizenza sizenzisisa kwafika osomathuba babona nalithuba
Bagcina ngokusithumba emiqondweni salahla isikompilo salibukela phansi
Balithatha isikompilo lethu osomathuba namhlanje bayasithuka nathi besesiyathuka
Konke kukuwe Zulu ungumnotho kunguwe ngoba wena unothile
Ngaphandle kwakho Zulu kungabhujwa
Ngaphandle kwakho Zulu akukho mnotho
Ngaphandle kwakho Zulu akukho mpilo
UZulu ungumlaphi
Uhlanganisa amakhambi akho kuphile isizwe
Ulima umhlabathi sidle isizwe
Ukhuluma kulapheke umhlaba
Zulu unamandla
Zulu uyesabeka
Zulu ukhethiwe emazulwini
Izulu elakho Zulu wena owekhethelo emazulwini
Ingakho bekuzonda
Ingakho bengalithandi lelibala lakho elasemazulwini
Ingakho bekucindezela
Ingakho bengakufuni ube nebhizinisi edolobheni
UZulu uhlakaniphile kukhulu
Ucindezelwe kukhulu
Nibusisiwe kukhulu
Ninothile kukhulu
Ninamandla kukhulu
Zulu ungaphinde uzibukele phansi
Abaphansi nabaphezulu bayakuvuma
Zulu uliqhawe
Zulu uyesabeka
Zulu owasemazulwini
Ingakho bekuzonda

Zulu uwumnqobi ngokunqoba zonke izimpi zempilo
Zulu bathi bekushonisa ngapha nangapha awuzange wakhathala
Zulu uyohlale uyiqhawe laphakade