Eshelwa imina
Eshelwa imina iyathanda
Eshelwa imina izothile
Ukuthobeka yakuncela ebeleni
Ubuhle bayo kungiqhweba ngingaphesheya kwezilwandle
Ubumnene bayo buyivulele isango lenhliziyo yami
Eshelwa imina ayilona ithatha
Eshelwa imina ikuphonsa ngezindilinga zamehlo ukhophozele
Eshelwa imina ubuhle yabuphiwa
Ayishiselwanga yanongwa ngenhlonipho
Yanamekwa ngethusi ezinhlamvini zamehlo
Othi uma uwaqholozela kuqhakaze ingelosi yokulunga
Eshelwa imina
Inyathela ngabantwana kuzwakale izigi zeNdlovukazi,
Idlwathuzela kuphithane amakhanda ezinsizwa
Zonke izinhliziyo zifisa ukuzibika
Umdali waba nesineke wazipha isikhathi eyibumba
Eshelwa imin’ ayifani nezinye
Iyisithelo eseba amehlo omvuni ebuqamama
Eshelwa imina idala ingxabano kwezelusa ndawonye
Eshelwa imina iyikho konke engikufisayo
Ngivutha amalangabi ngayo