Ngizithola senginjengomuntu ofelwe yizwe
Ofulathelwe ngabaphansi
Ngenxa yokuthanda umuntu ongasenalo uthando lwami
Kungani kanti kumele sihlukumezeke othandweni
Ngizithola sengikhala ngizithulisa
Yeka amazwi kamama engangiwashay’ indiva

Ngenkathi engiyala
Yeka ngizibona ngisothandweni
Ekubeni ngidlala inkohliso
Egameni lothando

Ngaphuka inhliziyo
Eyahamba imisulwa iyothanda
Ngoba namuhla isibuya isihuzukile
Ngingathini ngoba ngizigwaze ngowami
Kuthiwa uzenzile akakhalelwa kukhalelwa uzumekile