Ngalenkondlo ngizovusa
Onke amathemba esegqitshiwe
Angcwatshwa phansi kwezinhliyo
Amathembe afa k’dala aselele
Emathuneni ashiya inhliziyo
Zopha igazi nabanini bazo bekhala
Ngenxa yokungaphumeleli empilweni

Ngizovusa amathemba ashabalala
Kwahanjwa kuwo ngezinyawo
Kwadelwa kwaphela yonke imizamo
Ngithi noma kunzima ungalahl’ ithemba
Bambelela noma izandla sezakhula
Ameva kuhlaba noma insimb’ ishisa

Noma usizi nenhlupheko kuk’zungezile
Abantu sebehleba ngawe nxazoke
Bekwenza isimungulu esingezwa
Ungalahli ithemba noma impilo
Seyikuphendule isigqila sovalo
Noma usujika jika emathuneni
Ucela kwabangasekho uzama
Indlela yokufihla ihlazo nendlela
Yokuxosha inkathazo nokuhlupheka

Bambelela ungalahli ithemba
Noma sebethi ilanga selak’lahla
Nenhliziyo yakho seyaphenduka
Iskhotha esifihla amaphupho akho
Noma sebekwethuka ngekhaya lakho
Ongenawo amandla okulivusa
Noma ungasenamuntu ozokududuza
Beka idolo phansi ebeke konke
KuMdali odalile bambelela noma
Kungenamuntu ozokuphumuza
Khumbula umhlaba nokwawo konke
Okweskhashana kuyadlula
Bambelela ungalahli ithemba
Yazi ukuthi usizi nenjabulo kuyefana
Okwes’khashana empilweni kuyashintshana
Yazi ukuth’ ilanga elisha lisendleleni
Kepha liyofica abahle abahleli ethembeni
Ngakho bambelela uqinise ethembeni
Ithemba lizokukhanyisela indlela

Ngalenkondlo ngizovusa amathemba
Asegqitshiwe angcwatshwa ngaphansi
Kwezinhliyo aselele emathuneni