Ukugana kubukeka kuyinto enhle neyigugu kakhulu emndenini eminingi.Yebo syavuma kuhle ukugana kodwa uma ungakagani kusho ukuthi akukakufici ,musa ukuziphathisa ngekhanda uzinyeze noma uphakathi kwabaganile ,uzi uzibone uyisahluleki uma ubona abanye abangangawe befake izindandatho eminweni yabo noma benabayeni yabo .Babodwa bahlukumezekile emendweni yabo ,babodwa baganiswa isimo sasekhaya abanye baganiswa ngenkani bafisa ukuphuma kodwa bayasaba ngoba phela kwaziwa ukuthi kuyihlazo ukuphuma emendweni uze ubizwe ngamagama ayiziswana .Ungazibukeli phansi ngoba ungaganile ukhiye wempumelelo uwodwa vo imfundo. Imfundo ayisoze yakuhlukumeza noma yakufaka ehlazweni .

Kuvamisile ukuthi abanye baze bathuthe emakhaya ngenxa yezinxabano phakathi kwalowo wesifazane ongaganile nabafowabo baze bambize ngamagama amabi ,uma kube nephutha elenzekile kuhlezi kuwuye nje obhecwa ngobende noma engayidlanga .
Ungazibukeli phansi, angisho ukuthi ukugana kubi cha,ngithi ungaphatheki kabi uma kungakenzeki kuwe noma ubona sengathi isikhathi sesikushiye kakhulu. Zama ukuzimela kungaba ukuqala kancane uyoqasha uma usebenza ngaleyondlela ungafunda ukuzimela ubone nokubaluleka kokuqongelela amasenti kancane owatholayo ukuze uthenge indawo yakho, uma wabanabantwana ungakogani ungazinyezi ngabantwana bakho yibona abayokukhipha osizini ngelinye ilanga bakuthengele nomuzi umangabe wena ungabanga nawo amandla okuzithengela.

Ukugana akusiyo neze impumelelo kunabantu abasafuna ukufundiswa ukuthi akusho ukuthi uma usuganile usugogodile .Ezinye izinkulumo zize zidale nokuqhelelana phakathi kwemindeni ngoba abanye abazali baqhakambisa izingane izingane eseziganile wena ongaganile uze uzibone ngempela uyesahluleki uze usabe nokuyovakasha ekhaya.Cha zama nje ukuzimela ufeze izifiso zakho ngaphandle komgano ,ungazimela ngezindlela eziningi uzifundele noma uzivulele ibhizinisi elizokungenisela imali konke kunesiqalo . Umgano awusiyo impumelelo